USESHAYA ungqimphothe umdidiyeli wohlelo lwethelevishini olukhuluma ngempilo yomndeni yowayengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma.
ULegend Manqele utshele Isolezwe ngeSonto ukuthi lolu hlelo luzogxila kuphela kwingoduso kaZuma uNonkanyiso “La Conco” Conco, ephinde ibe ngumsakazi weVuma FM.
Umthombo uthe umndeni wakwaZuma uyaveva emuva kokuthi uLegend ebhale ekhasini lakhe kwiTwitter ukuthi ubeqopha emzini kaZuma, eNkandla ngenyanga edlule, waveza nezithombe zikaLa Conco.
Kwesinye sezithombe wabhala ukuthi Meet The Zuma’s (Nginithulela abakwaZuma) okwenza ukuthi abantu bacabange ukuthi uqopha uhlelo ngomndeni wakwaZuma.
Ngokusho komthombo, umndeni uyazihlangula kulolu hlelo ngakho usuyalele uLa Conco ukuthi akhiphe isitatimende esicacisayo ukuthi awuhlangene nalolu hlelo.
Isolezwe ngeSonto lisanda kubika ngenye yamakhosikazi kaZuma uNkk Bongi Ngema-Zuma oveze ukuthi akazani nalolu hlelo futhi akasiyo ingxenye yalo.
Enye yamakhosikazi kaZuma, uNkk Thobeka Madiba-Zuma uthe ayazani nalolu hlelo futhi angakuqinisekisa ukuthi akasiyo ingxenye yalo.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi sigxile kakhulu kuLa Conco nohambo lwakhe lwempilo. Angazi lutho ngokuphawula komndeni wakwaZuma ngohlelo futhi angihlangene nakho. Umsebenzi wami wukwenza uhlelo,” kusho uLegend.
Uthe okwamanje abezindaba balokhu bebhala imibiko engaphelele ngalolu hlelo ngoba abafuni ukulinda yena aze abanikeze imininingwane okuyiyona yona.
Uveze ukuthi miningi imigudu okumele ayilandele ngaphambi kokuqala ukuqopha lolu hlelo.
Ayekufake kwiTwitter uthe wayesafuna ukubona ukuthi abantu bazothini nokuthi bangaluthakasela yini lolu hlelo.
Ethintwa uLa Conco wenqabile ukuphawula wathi ucela kuthintwe uLegend.
Uthe umatasa nokulungisela umcimbi wabesifazane iWomen In Conversation ezoba se-Equestrian Royal Botique Hotel eGoli ngoNovember 1.
Lo mcimbi uthe uwuqambe ngegama lohlelo lwakhe alwethula kwiVuma ngoLwesine ngo-7 kuya ku-8 ebusuku. Esinye sezikhulumi zalo mcimbi kuzobe kungumlingisi weSibaya * -Ayanda Borotho odlala indawo kaMaDlamini.