Izindaba

BUKA: Ushe wangqongqa umuzi womlingisi weMuvhango

Phumelele Nxumalo|Published

UMONA Monyane noSkhulu Skhenjana abashelwe wumuzi wabo ngeSonto. Isithombe: Screenshot/Mona Instagram UMONA Monyane noSkhulu Skhenjana abashelwe wumuzi wabo ngeSonto. Isithombe: Screenshot/Mona Instagram

BABONGE ukuphuma bengenamyocu abalingisi bakuleli uMona Monyane noSkhulu Skhenjana kusha umuzi wabo kanokusho ngeSonto. 

UMona uveze lesi sehlakalo ekhasini lakhe lika-Instagram ngesikhathi efaka ivideo yomuzi wabo usha. Ivideo efakwe uMona ibihambisana nesiqephu sombhalo othi: "20/10/2019 sibuke ikhaya lethu lisha kodwa iyodwa ento ebesiyicabanga, ukubonga uNkulunkulu ngokuthi sisindile sonke. Usathane angakulinga kepha uNkulunkulu unamandla kunabo bonke ubumnyama," kusho uMona.  

Laba bashadikazi bashelwa umuzi nje bebesanda kuphumela obala ngobunzima abadlule kubona ngesikhathi beshonelwa indodakazi yabo yesibili ngemva kwezinsuku eziyisikhombisa izelwe ngo-2017. Ebhala ekhasini lakhe ku-Instagram ngoMsombuluko uMona uveze ukuthi okumphatha kabuhlungu ukuthi indlu yabo ishe nomlotha wendodakazi yabo engasekho. 

"Ngifikelwa umuzwa wokwesaba ngokulahlekelwa esengibe nakho kuleminyaka engu-29 esengiyiphilile. Ukulahlekelwa umlotha ka-Amani kulo mlilo kube yisifundo esikhulu kimina ngokudlulisa. Impilo iyamangaza. Engikwaziyo kodwa ukuthi uNkulunkulu nezingelosi zami ziwuvikele umndeni wami ngaso sonke isikhathi kanti futhi ngalokho ngiyohlezi ngibonga. Ulale kahle Amani-Amaza," kubhala uMona. 

View this post on Instagram

20/10/2019... We watched our home burn down and all we could think was thank God we all made it out alive. The devil may test you but God is greater than Any darkness.

A post shared by Mona Skenjana(@monamonyane) on Oct 22, 2019 at 12:21am PDT

View this post on Instagram

I am in awe at the amount of loss I have experienced in my 29 years of life on this planet. Losing Amani's ashes in this fire from hell has got to be the greatest lesson of letting go I could ever have had to experience. What a humbling life this is... one thing I know more than anything though is that God and my angels are protecting me and my family at all times and for that I am forever grateful. Goodbye Amani-Amaza ❤.

A post shared by Mona Skenjana(@monamonyane) on Oct 22, 2019 at 2:23am PDT