Izindaba

UZikalala ugxeke oKlebe ngokubukisa kwabezindaba

Nonhlanhla Shangase|Published

OKLEBE bagasela emzini kalowo owayeyimeya yeTheku uNkk Zandile Gumede ngo Okthoba 10 kulenyanga ezoshaqa impahla yakhe njengoba ebhekene namacala enkohlakalo. Isithombe: Motshwari Mofokeng/African News Agency(ANA) OKLEBE bagasela emzini kalowo owayeyimeya yeTheku uNkk Zandile Gumede ngo Okthoba 10 kulenyanga ezoshaqa impahla yakhe njengoba ebhekene namacala enkohlakalo. Isithombe: Motshwari Mofokeng/African News Agency(ANA)

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uphumele obala wagxeka isenzo sabophiko oludla impahla noKlebe, sokugasela nabezindaba emzini wobeyimeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede.

UZikalala ukhulume kanje eCity Hall ngoLwesine ebusuku emuva kokuthi ngesonto eledlule oKlebe bengene esithabathabeni somuzi kaNkk Zandile Gumede eNanda nasemizini yosomabhizinisi abasolwa naye enkohlakalweni yethenda.

Ucele uMengameli Cyril Ramaphosa ukuthi aqinisekise ukuthi lesi senzo asiphindi senzeke ngoba sibukela phansi ubumbano kwi-ANC eKZN.

UZikalala uthe isenzo samaphoyisa sokuphelezelwa ngabezindaba, sibukela phansi ngisho ubuholi be-ANC.

“Siyi-ANC sizibophezele ngazo zonke izindlela ukulwa nenkohlakalo. Kodwa amaphoyisa abe nephutha ngokuphelezelwa ngabethelevishini eya emizini yabantu.

Lokhu kuke kwenziwa eminyakeni eyedlule ngesikhathi sikaMnuz Jacob Zuma noMnuz Kgalema Mothlante,” kusho uZikalala.

Eqhuba uthe lona wumkhuba odinga ukubhekisiswa ngoba ubungaqali ukwenzeka.

“Lokhu akwenzekanga eThekwini kuphela kodwa kwenzekile nakwezinye izindawo. Yingakho mengameli sithi asikubeke ezithebeni zakho. Izinhlaka zoMbuso kumele zenze umsebenzi wazo ngendlela,”kusho uZikalala.

Eqhuba uthe amaphoyisa kufanele ababophe abasolwayo ngaphandle kokufuna ukubukisa kwabezindaba.

Ubikele uRamaphosa ngoxhaxha lwamacala aholela ekutheni kuboshwe amanye amalungu e-ANC kodwa agcina ehoxiswa ngenxa yokungahlangani kobufakazi ngezinsolo ababekwa zona.