Izindaba

Ukhala ngokugxekwa komsebenzi uMvikeli

Nonhlanhla Shangase|Published

UMvikeli Womphakathi u-Adv Busisiwe Mkhwebane UMvikeli Womphakathi u-Adv Busisiwe Mkhwebane

UMVIKELI woMphakathi kuleli, u-Advocate Busisiwe Mkhwebane ngoLwesihlanu ukhale ngezinhlaka zikahulumeni ezingafuni ukwamukela imibiko ngakutholile uma ephenya izinto ezithile umphakathi okhala ngazo. Ukhale nangokuthi esikhundleni salokhu, uthola ukuhlaselwa.

U-Adv Mkhwebane ubethula umbiko wokuphela konyaka ekomidini lezobulungiswa nokuhlunyeleliswa kwezimilo ePhalamende izolo.

Uthe akuzona nje kuphela izinhlaka zikahulumeni ezenza lokhu, nasemazingeni aphezulu kuhulumeni lokhu kuyenzeka.

Ubekhuluma nangodaba lukaNgqongqoshe wamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, alubeka ezithebeni zikaMengameli Cyril Ramaphosa kodwa olugcine seludluliselwa phambili.

“Ihhovisi lami lithole okukhulu ukuhlaselwa uma likade lethule imibiko,” kusho u-Advocate Mkhwebane.

Uthe zilinganiselwa ku-40 izinhlaka zikahulumeni ezizibe izincomo ngemibiko yakhe. Ezinye zilwenzile ushintsho oluncane.

Kokuhle, uMkhwebane ubale indlela asize ngayo owesifazane oneminyaka engu-66, wakwazi ukuthola imali engaphezu kukaR1 million yempesheni yakhe njengoba ayesebenza kuhulumeni. wangayithola imali esethathe umhlalaphansi.

Wazama iminyaka engu-5 ukulungisa le nkinga.

ANA