Isithombe: Danie van der Lith / African News Agency (ANA). Isithombe: Danie van der Lith / African News Agency (ANA).
KUBOSHWE amaphoyisa angu-20 ngamacala enkohlakalo yokusiza abantu baphase izincwadi zokushayela kungafanele esikhungweni sokuhlolwa kwabashayeli esiseMidlands.
Abasolwa baboshwe kulandela uphenyo oluqhubekayo olwenziwa yiRoad Traffic Management Corporation (RTMC) National Traffic Anti-Corruption Unit kanye noKlebe. Kwababoshiwe kukhona ngumabhalane uThandazile Shelembe, ongomunye wabangu-16 ababoshwe esikhungweni sokuhlola abashayeli esiseMngeni eHowick. UShelembe uwavumile amacala enkohlakalo kanti kulindeleke ukuthi agwetshwe ngoMsombuluko eNkantolo yaMacala eziMali yaseThekwini.
Omunye okulindeleke ukuthi kuqale ukuqulwa kwecala lakhe lenkohlakalo yamalayisensi okushayela uNkk Waheed Monsoor wakhona eMngeni.
UMonsoor watholwa enecala yinkundla yokuqondiswa kwezigwegwe. Okhulumela iRMTC uMnuz Thulani Zwane uthe uMonsoor usolwa ngokugcwalisa amafomu okuhlolwa amehlo kwababhalisela ukuhlolwa kwelayisensi.
"UMonsoor ubekwe amacala kanti kulindeleke ukuthi kuqalwe ukuqulwa kwamacala akhe ngoFebhruwari 2020," kusho uZwane.
Ngokweminingane ekhishwe yiRTMC, abasebenzi abahlanu okubalwa kubona nomabhalane baboshelwe inkohlakalo yelayisensi yokufunda ukushayela, umsebenzi ohlanza ihhovisi uboshelwe ukubandakanyeka enkohlakalweni yokuthola ilayisensi. Okunye okuvele kumbiko weRTMC ukuthi bangu-9 abebebhalisela amalayisensi ababoshelwe inkohlakalo. Induna yesikhungo sokuhlola abashayeli saseHowick, uMnuz Roger Everton ubengomunye wababoshelwe inkohlakalo yamalayisensi.
Ngokusho kweRTMC, kwatholakala ukuthi abasebenzi abangu-7 baseHowick basiza abantu abangu-544 ukuthi bathole amalayisensi ngaphandle kokubhala isivivinyo phakathi kukaFebhruwari noMashi 2018. Umhlanzi wamahhovisi esulwa amacala akhe ngoba umuntu ambhalisa engakwazanga ukutholakala. Abanye abangu-8 abaqondiswe izigwegwe batholwe benamacala baxoshwa emsebenzini.
UZwane uthe bazoqhubeka nomkhankaso wabo ezinyangeni ezizayo.