Izindaba

Ubabaza ubusathane umndeni womfundi obulawe washiswa enyuvesi

Sne Masuku|Published

UKhayelihle Nzimande (25) ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoMsombuluko. Usolwa ngokubulala isitshudeni sase-UKZN. UKhayelihle Nzimande (25) ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoMsombuluko. Usolwa ngokubulala isitshudeni sase-UKZN.

INDUMALO ibibhalwe ebusweni emndenini kaMnuz Simukelo Zondi (24) ngesikhathi isitshudeni sase-University of KwaZulu-Natal (UKZN) esisolwa  ngokumbulala singena enkantolo yeMantshi ePinetown ngoMsombuluko.

Abafowabo bamufi bachaze ukubulawa kwakhe njengobusathane abangakaze babubone ngaphambilini. Kusolakala ukuthi uZondi wabulawa washiswa ngumngani wakhe abehlala naye endaweni yokuhlala izitshudeni ophikweni lwesikhungo oluseWestville. Kwivideo eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana kubonakala umsolwa ethi ubulale uZondi ngoba "engumkhovu" futhi emthakatha.

Isidumbu sikaZondi obenza izifundo zeBcom, satholwa sisha ehlathini elingaphandle kwesikhungo ngoMgqibelo ngemuva kokuthi intombi yakhe ibike ngokuduka kwakhe ngoLwesine. 

UMnuz Khayelihle Nzimande (25) obegqoke isikhindi esimhlophe ehamba ngezinyawo ebukeka edidekile uvele okokuqala eNkantolo yeMantshi yasePinetown ngoMsombuluko ngemumva kokuboshwa kwakhe ngoMgqibelo. UNzimande ongowaseNtuzuma ungene enkantolo waqalaza nokuthe uma ebuzwa ukuthi uzomdinga yini ummeli kahulumeni noma uzokwazi ukukhokhela ummeli wakhe wacela inkantolo ukukhuluma nomndeni wakhe. 

FUNDA:

Ngesikhathi ebona ukuthi akekho owomndeni wakhe okhona enkantolo uvuke ngolaka wathi: "Kungani umndeni wami ungekho la? Kungumsebenzi wamaphoyisa ukuthi kwaziswe umndeni wami ukuthi ngiyavela enkantolo namuhla. Akuwona umdlalo omuhle lo," kusho uNzimande. 

Umfowabo kaNzimande obehleli ngemuva enkantolo unikwe ithuba lokuthi akhulume naye. Ngesikhathi ebuyela ebhokisini uNzimande utshele inkantolo ukuthi udinga ummeli kahulumeni. Kusuka lolu thuthuva nje abafowabo bamufi bebehleli ngemuva kukaNzimande belalele abanye bachiphiza. 

Ngaphandle kwenkantolo abafowabo bamufi abebesuka KwaSwayimane ngaphandle kwaseMgungundlovu bathe abakholwa ukuthi kukhona usathane ofana nalo.

"Sisashaqekile ukuthi singakhuluma ngokwenzekile. Umndeni ukhungathekile. Yena (uZondi) ubenza unyaka wakhe wokugcina. Mina nje angikaze ngilale selokhu sathola izindaba zokubulawa kwakhe. Singathanda ukuba nethuba lokuzila ngokuthula bese siyaphawula uma sesikwamukele ukushona kwakhe," kusho omunye wabafowabo.

Inkantolo ibigcwele izitshudeni saze-UKZN ebeziyingxenye yokufunwa kukaZondi ngesikhathi elahlekile. Bathe basashaqekile. Isiguqile inkantolo, uNzimande ubekhuluma yedwa ngesikhathi iphoyisa limkhipha limyisa esitokisini. Izitshudeni ebezikhathazekile zaqala umkhankaso wokuthungatha uZondi ngesikhathi uNzimande eveza ukuthi umbulele ngoba emthakatha. UNzimande wabanjwa yizitshudeni eshisa isidumbu sikaZondi ngoMgqibelo ebsuku. Ngokusho kwabazibonela, izitshudeni zamjaha ngesikhathi ezinye zizama ukucisha isidumbu sikaZondi.

UNzimande wazinikela konogada basikhungo wase eboshwa ebekwa icala lokubulala. Kulindeleke ukuthi aphinde avele enkantolo ngoMsombuluko ozayo ukuyofaka isicelo sebheyili.