Izindaba

Zimconsela amathe izintokazi uDuduzane

DELI MNCWABE|Published

UCONSELWE amathe ngabesifazane abaningi uDuduzane Zuma, oyindodana yowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, ngesikhathi ethula ubufakazi phambi kweKhomishini kaZondo, ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana, kuleli sonto.

Lokhu kugqame kakhulu ezinkundleni zokuxhumana, okubalwa kuzona iTwitter neFacebook, lapho abanye bebelibeka ngembaba elokuthi bayazifela ngaye.

UDuduzane uvele kwikhomishini izinsuku ezimbili, ngoMsombuluko nangoLwesibili.

Kuzona zombili izinsuku kuhlale obala ukuthi iningi labebebuka isigcawu ebe kuso bebengagxilile kangako ebufakazini abebethula kodwa bebezibukela ukuba yigeza kwakhe.

Ngaphandle kwalokho abanye bahlabeke umxhwele ngendlela abekhuluma ngayo, ebikhombisa ukuqaqeka nokukhalipha nasekupholishekeni kwesiNgisi sakhe.

Omunye okuveze obala ukuthi uyazifela ngoDuduzane * -@Wade othe: “Angisezwa nokuthi uthini uDuduzane, ngibuka ubuhle bakhe. Nkosi yami!!.”

Omunye * @Philicious othe: “UDuduzane ufanele ukuboshelwa ekhaya...empeleni ekhaya lami ngizitike ngaye.”

Mayelana nesiNgisi * -@UmalambaneZN uthe : “UDuduzane Zuma ukwenza ubone ukuthi ukwazi isiNgisi kungakufaka ejele.”

U-@Property_LawBae) ubhale wathi: “Wakhuluma kamnandi umuntu omuhle. Anginendaba nokuthi usolwa ngokuthi wenzeni, ngithi akakwenzanga. Ngoba ...wow!!.”

U-@Gustav_Nd) uthe : “Uma ngingase ngikhulume isiNgisi esihle njengesika-#DuduzaneZuma ngeke ngiwuvale umlomo. Ngingakhuluma ngize ngicele ujeke wamanzi.”

Ezinsukwini ezimbili ethula ubufakazi uDuduzane igama lakhe libe sohlwini lwezindaba ezingondabamlonyeni kubantu. Abanye baze babuyisa izithombe zomshado wakhe obe ngo-2015, bekhumbuza abamhalelayo ukuthi ushadelwe nguShanice Stork.

Sekuyinto ejwayelekile ukuthi uma kunodaba olushisayo ngaye kuhlale obala abesifazane abamfuna eduze. Iningi lize licele ukushutha naye. Lokhu kuhlale obala ngesikhathi ephuma enkantolo eRandburg, eGauteng kunamantombazane abehlobe ngezikibha zeDA abebhikishela ukuthi alahlwe ngamacala. Kodwa ngesikhathi esephuma enkantolo kwaphela umbhikisho. Bonke abebebhikisha bazichoma kuDuduzane, abanye bamkinatela, babodwa abacela ukushutha naye. Kwaba wukuphela kombhikisho.

Imizamo yokuthola izibalo zokubukwa kwesiteshi sezindaba kwaSABC ngesikhathi kusakazwa isiqephu ebesinoDuduzane ihlangabezane nembibizane ngenxa yokuthi kuthiwe izibalo ziyoze zitholakale ngenyanga ezayo.