Isithombe: Sigciniwe Isithombe: Sigciniwe
USATHUKA izanya uthisha waseNgoje eVryheid ophunyuke efulethini eliseHillbrow eGoli lapho ebethunjwe khona amadoda angawazi isonto lonke emphuzisa amanzi kuphela.
UNksz Nompilo Mavundla (33) onguthisha waseVumani Sabelo Special School, Osizweni eNewcastle, kuthiwa uthunjwe ngamadoda amathathu ayewacele ukuthi amgibelise emotweni ayehamba ngayo ngesikhathi eya eVryheid ngenyanga edlule.
Ngokusho komfowabo uMnuz Lindani Mavundla (40) amadoda okuthiwa angawokufika amjikela endleleni uNksz Mavundla, imoto ayikhomba eGoli.
Uthe uthunjwa nje udadewabo kwakumele ayohlangana naye edolobheni eVryheid.
“Wayengishayele ucingo engitshela ukuthi useyogibela. Ngabona sekuze kuqala ukuhwalala engaqhamuki.
“Ngathi uma ngimshayela ucingo ngathola ukuthi ucingo lwakhe luvaliwe.
“Ungumuntu ongaluvali ucingo okwenza ngisole ukuthi kukhona inkinga ahlangabezane nayo,” kusho uMavundla.
Uthe waphoqeleka ukuthi ashaye imoto ayibhekise eNewcastle ukuyocinga udadewabo.
Uveze ukuthi waya ngisho erenki yamatekisi lapho abamtshela ukuthi abakaze bamfanise udadewabo.
“Ngaya esiteshini samaphoyisa ukuyovula icala. Ngabacela ukuthi bazame ukumcinga ngeselula yakhe i-iPhone ngoba iyaveza ukuthi idonsa kuphi noma seyikhishwe ikhadi.
“Amaphoyisa angitshela ukuthi kuwumdanti ukulandela iselula yomuntu, okuyinto eyangixaka njengoba siphila esikhathini esinzima lapho kubulawa abantu besifazane mihla namalanga,” kusho uMavundla.
Uqhube wathi udadewabo uze waphunyuka emlonyeni wengwenya ngomusa woMdali.
“Uma esichazela uthi wasizwa wukuzumeka kwendoda eyayimgadile.
“Emuva kwezinsuku ezinhlanu bemthumbile indoda yamqaqa izandla kanti izozunywa wubuthongo, wakwazi ukuphuma abaleke.
“Uthi babemncisha ukudla bemphuzisa amanzi esingazi noma ayenobuthi yini. Base bemtshelile ukuthi uzosebenzela bona. Bathi bafuna ukubona ukuthi uzokwazi yini ukugwinya izidakamizwa,” kusho uMavundla.
Uthe okumxakayo wukuthi esiteshini samaphoyisa eHillbrow abazange bamthathe ukuthi ayokhomba lapho ayekade egcinwe khona bamthinta emuva kwezinsuku ezintathu esegodukile bembuza ukuthi angakukhomba yini.
UMavundla uzwakalise ukudumala ngokusebenza kwamaphoyisa wathi kodwa babonga ukuthi bamthole esaphila.
Uthe kuvele kuthi akazisiphule ikhanda uma ecabanga ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa waxolisa eZimbabwe ngokuhlaselwa kwabokufika njengoba kunezinkomba zokuthi abanye bahlukumeza abantu bakuleli.
UNksz Mavundla uthe akakakulungeli ukukhuluma nabezindaba ngalolu daba njengoba esahamba odokotela abameluleka ngokwengqondo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uqinisekisile ukuthi amaphoyisa asoSizweni avula idokodo lomuntu olahlekile emuva kokunyamalala kukaNksz Mavundla.
Uthe uNksz Mavundla ubikele amaphoyisa ukuthi ubethunjwe ngabantu angabazi.
“Welulekwa ukuthi abuyele Osizweni ukuyovula icala lokuthunjwa kodwa wenqaba,” kusho uCaptain Gwala.