Izindaba

Uvalo emndenini ngengane enyamalele

S'MANGELE ZUMA|Published

Umndeni kaLwazi Tembe ukhathazekile ngaye njengoba anyamalala kade ethe uvakashela uthisha owayemfundisaIsithombe: sithunyelwe Umndeni kaLwazi Tembe ukhathazekile ngaye njengoba anyamalala kade ethe uvakashela uthisha owayemfundisaIsithombe: sithunyelwe

UBAMBE umoya umndeni womfana waseThengani, eManguzi, onyamalale emasontweni amabili edlule ngesikhathi eyovakashela umlisa obenguthisha wakhe.

ULwazi Tembe (12) ofunda uGrade 6 eNonikela Primary khona eThengani, kuthiwa wahamba kubo ngoSepthemba 30 ethi uyovakashela uthisha obemfundisa ngonyaka odlule ohlala endaweni.

Uyise kaLwazi uMnuz Celani Thusi (34) uthe indodana yakhe yamtshela ukuthi ibizwe nguthisha ukuthi izolanda amaphepha athile kodwa yahamba yangaphinde yabuya.

“Wahamba ephethe iselula yami ayexhumana kuyona nothisha wakhe kuFacebook. Nabangani bakhe ahlangana nabo endleleni bathi wabatshela ukuthi ubizwe nguthisha. Ubejwayele vele ukuvakashela uthisha kodwa ubengahambi isikhathi eside. Besingakaze sisole lutho ngoba uthisha ngowesilisa osemncane,” kusho uThusi.

Uthe wamshayela ucingo lo thisha ebona indodana yakhe ingasabuyi ekhaya kodwa waphika ukuthi ike yafika kuye.

Uthe uthisha usethuthile emqashweni abehlala kuwo, okwenza basole ukuthi usebalekile.

“Emuva kosuku enyamalalile umama kaLwazi wathola umyalezo ophuma kwiselula yakhe othi asifake uR5 000 eSpar ukuze abantu abamgcinile bamdedele lapho abamgcine khona. Bathi bazosiqinisa isandla uma singayifaki le mali. Imali asinayo, selokhu alahleka sichitha usuku lonke simthungatha,” kusho uThusi.

Uveze ukuthi lo myalezo uthi uLwazi ubanjwe nabanye abafana ababili bebamba inkunzi nathi udaba olwakhiwe ngoba indodana yakhe ayigangile.

Ikhansela lendawo, uMnuz Lucky Tembe, lithe umphakathi ukhathazekile ngokunyamalala kukaLwazi.

“Sithandazela ukuthi umfana atholakale esaphila. Ngonyaka odlule ukhona omunye umfana wasendaweni owanyamalala watholakala eseshonile eceleni komgwaqo,” kusho uTembe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa aseManguzi avule icala lokuthunjwa komfana kanti idokodo selidluliselwe ophikweni oluphenya ngamacala odlame lomndeni, ukuvikelwa kwezingane namacala ocansi eJozini ukuze luqhubeke nophenyo.