Izindaba

Umalusi weseka eyesitifiketi sikaGrade 9

Nonhlanhla Shangase|Published

ISIPHAKAMISO sikaNgqongqoshe wezeMfundo eyiSisekelo, uNkk Angei Motshekga, sisekwe wuphiko olulawula konke okuthinta * -matric, Umalusi Isithombe: SIGCINIWE ISIPHAKAMISO sikaNgqongqoshe wezeMfundo eyiSisekelo, uNkk Angei Motshekga, sisekwe wuphiko olulawula konke okuthinta * -matric, Umalusi Isithombe: SIGCINIWE

UPHIKO olulawula konke okuphathelene no-matric kuleli, Umalusi, luthi luyaseseka isiphakamiso sokuthi abanye abafundi bagcine ukufunda kuGrade 9, okuzobizwa ngeGeneral Education Certificate.

Oyisikhulu esiphezulu kulolu phiko, uMafu Ramoketsi uthe okunye okuhle ngalesi siphakamiso wukuthi kuzosiza ukuthi leli lizwe likwazi ukubhekisisa kahle izinhlelo zemfundo ezikhona.

“Noma kunjalo kodwa Umalusi usazoke ubhekisise lesi siphakamiso kuyima ukhipha isitatimende esiphelele ngakho konke okuzolandela uma kuqalwa lolu hlelo lwemfundo,” usho kanje.

Ngenyanga edlule uNgqongqoshe wezeMfundo eyiSisekelo, uNkk Angie Motshekga utshele abebesengqungqutheleni ye-African Democtratic Teachers’ Union ukuthi uhlelo lokubhekisisa uhlobo lwezifundo olunikezwa uGrade 3, 6 no-9 luzophothulwa ngoJuni ngonyaka ozayo.

Nezinhlelo zokuthi kube khona abazogcina kuGrade 9 nazo wathi luzophothulwa ngoJulayi wangonyaka ozayo.

Lolu phiko luphinde lwaveza nokuthi konke sekumi ngomumo ukulungiselela ukubhala kuka-matric kulo nyaka.

Baveze ukuthi isibalo sababhala leli banga kulo nyaka sehle ngo-40 000 wabafundi uma kuqhathaniswa nonyaka odlule.

Kulindeleke ukuthi abafundi abawu-629 197 abebefunda ngokugcwele babhale izivivinyo zaleli banga, kuthi abawu-122 471 abebefunda ngokungagcwele nabo babhale lokhu kuhlolwa.

URamoletsi uthe kulo nyaka ukukopela kuzobe kuqashwe ngayo yonke indlela. Uveze nokuthi kukhona amaphepha okuvivinya abafundi alungiselelwe ukuthi abhalwe uma kuke kwenzeka kwavela ukuthi kukhona iphepha eliputshukile.

- ANA