Izindaba

Selusezandleni zabashushisi olokudliwa kwezigidi zeVBS

Intatheli Yesolezwe ngeSonto|Published

UTHEMBISA ukuthi sekuzoshushiswa emacaleni aseVBS uMnuz Bheki Cele onguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli UTHEMBISA ukuthi sekuzoshushiswa emacaleni aseVBS uMnuz Bheki Cele onguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele uthi amadokodo ngodaba lokudliwa kwemali yeVBS Mutual Bank, asedluliselwe ophikweni lwezokuShushisa ukuthi lwenze umsebenzi wawo lushushise abathintekayo.

UCele umemezele lokhu ngesikhathi ekhuluma eLouis Trichard, eLimpopo. Kusolwa ukuthi abantu abathile abasondelene nosopilitiki bazitapela imali yeVBS nomasipala bafaka inqwaba yemali ngokungemthetho.

UCele uthe kuningi asebekwenzile sebehambe ibanga elide ukuzama ukushushisa abadla imali.

“Ngeke ngikwazi ukusho ukuthi siphenya ubani nobani kodwa luyaqhubeka uphenyo futhi kwabanye sekusele ukuthi bashushiswe.

“Amadokodo adluselwe kwabashushisayo manje,’’ kuchaza uCele.

Ikomiti lasePhalamende elibhekele uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu lithe lizobhekana ngqo nendaba yomasipala abafaka imali ngokungemthetho eVBS yamuka nomfula.

Ikomiti selivele liyibambile imihlangano nomasipala abahlukene kubalwa uMasipala iCollins Chabane, iMakhado, iGiyani, neVhembe. Bonke laba omasipala kuthiwa sebehlangene balahlekelwe nguR 1 billion ngendaba yeVBS.

Ikomiti liphinde lahlangana nezinhlangano zomphakathi ezehlukene. Ilungu lekomiti uMnuz Haniff Hoosen lithe bafuna ukuqinisekisa ukuthi buyenzeka ubulungiswa.

“Sifuna ukuyilungisa indaba yaseVBS  ngoba lento eyenzeka kwakungafanele yenzeke. Sizama ukwenza ngayo yonke indlela ukuthi kube nobulungiswa,’’ kuchaza uHoosen.