owayeyiMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede owayeyiMeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede
OWAYEYIMEYA yeTheku, uNkk Zandile Gumede, ubengaqondile ukudukisa umkhondo ngokushintsha indawo abehlala kuyona okuyiseMhlanga, abuyele emzini wakhe oseMawoti,eNanda.
UNkk Gumede uvele kafushane enkantolo yezobugebengu obuphathelene nezimali eThekwini ngoLwesihlanu kulandela ukuthi uMbuso umsole ngokwephula imigomo yebheyil mayelana nekheli ayelibhalise kumphenyi wecala.
Ummeli kaNkk Gumede, uMnuz Bulelani Mazomba akachithanga sikhathi watshela inkantolo ukuthi uNkk Gumede ubikile kuye ukuthi useyasuka eMhlanga lapho ebeqashe khona kodwa ummeli wakhohlwa ukubikela inkantolo noma umphenyi wecala.
Imantshi ithe iyakwemukela lokho okushiwoyo yadonsa ummeli ngendlebe ukuthi ayeke ubudedengu ngoba ngeke bubekezelelwe ngokuzayo.
UNkk Gumede ubehleli ebhokisini ezithulele ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kodaba lwakhe. Abalandeli bakhe bebegcwele phama enkantolo bazwakalisa ukujabula okukhulu ngoba bebebambe umoya wokuthi kungase kuthiwe uNkk Gumede akalale esitokisini. Icala lihlehliselwe uJanuwari 15 wonyaka lapho kuzoqhutshekwa khona nodaba lwakhe.
Uvela enkantolo nje abophiko i-Asset and Forfeiture Unit noKlebe bagasele emzini kaNkk Gumede eNanda nakomunye oseMhlanga okuvela ukuthi ikheli lakhona yilona ayelibhalise enkantolo ngesikhathi efaka isicelo sebheyili.
Kuleli kheli abalolu phiko bafike kukhala ibhungane, kwavela ukuthi uNkk Gumede waphuma kulo muzi ngoJulayi. Kuvele nokuthi kwakungewona owakhe kodwa wayeqashile.
UNkk Gumede usolwe ngokwephula imibandela yebheyili. Ngokomthetho, uma usuka ekhelini, obulibhalisile kumele wazise inkantolo uma usuyohlala kwelinye ikheli.
UNkk Gumede ungaphandle ngebheyili kaR50 000, usolwa ngenkohlakalo yethenda yezigidi kadoti.
Usolwa nabanye okubalwa kubo ikhansela uMondli Mthembu nabanye osomabhizinisi okusolwa ukuthi bahlangana ukwenza inkohlakalo yokuthi kungalandelwa imigudu okuyiyo uma kukhishwa le thenda.
Ngemuva kokuthi oKlebe bophiko olushaqa impahla begaselile, uNkk Gumede uzwakalise okukhulu ukuphoxeka. Wathi ‘kube buhlungu’ ngokwedlulele.
Uthe kodwa okubalulekile ngalokhu kushaqwa, wukuthi yena akanampahla ebizayo futhi akayena umuntu othanda ubukhazikhazi. Uveze ukuthi unezimoto ezintathu, ezimbili zazo zikomakhenikha. Okusho ukuthi akukho lutho olushaqiwe ohlangothini lwakhe.
Komunye usomabhizinisi asolwa naye, uMnuz Hlenga Sibisi, kushaqwe izimoto ezibizayo.