UVELE eNkantolo yeMantshi yaseMlaza umfundi oneminyaka engu-15 ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
Okhulumela amaPhoyisa aKwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naicker ukuqinisekile ukuthi amaphoyisa aseMlaza abophe umfundi oneminyaka engu-15 ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu. UNaicker uthe umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseMlaza lapho adedelelwe sekufike abazali bakhe.
"Amaphoyisa athole umbiko womfundi ophethe isibhamu esikoleni esikwa-U eMlaza aphendula ngokushesha. Amaphoyisa athole lo mfundi ephethe isibhamu sohlobo lwe revolver esinezinhlamvu ezintathu. Uboshwe ngokushesha wabekwa icala. Uzophinde abhekisiswe ukuthi abukho yini ubugebengu aseke wabandakanyeka kubona," kusho yena.
UKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uLieutenant General Khombisile Jula unxuse abazali ukuthi badlale indima enkulu ekufundiseni abantwana babo.
"Sinxusa abazali ukuthi baqinisekise ukuthi badlala indima enkulu ekufundiseni izingane zabo baphinde basebenzisane namaphoyisa. Abantwana bethu babalulekile kanti futhi kufanele babe sezindaweni eziphephile zokufundela. Kuyakhathaza uma abanye abafundi befika ezikoleni bephethe izikhali ezinobungozi, kepha sisebenzisana nezikole ukuqinisekisa ukuphepha kwabafundi njalo," kusho uJula.