Izindaba

Udilikajele kowatholwa nekhanda lomuntu

Sne Masuku|Published

UPHILANI Jojisa ogwetshwe udilikajele yiNkantolo eNkulu yaseThekwini ngecala lokubulala, izolo Isithombe: SNE MASUKU UPHILANI Jojisa ogwetshwe udilikajele yiNkantolo eNkulu yaseThekwini ngecala lokubulala, izolo Isithombe: SNE MASUKU

IGWETSHWE udilikajele yiNkantolo eNkulu yaseThekwini indoda eyatholwa nekhanda lomuntu kubhakha emakethe kuWarwick, eThekwini, izolidayisela inyanga ngoR20 000.

Isidumbu sikaMnuz Thembinkosi Nzimakwe satholwa singenakhanda ehlathini eliseMayville ngo-2017.

Umgilwa wayengowokudabuka e-Eastern Cape esebenza eThekwini. UPhilani Jojisa ubebukeka edabukisa ngesikhathi inkantolo ikhipha isigwebo. Icala ulivume ekuqaleni kwesonto, wacela umndeni kamgilwa ukuthi umxolele ngobuhlungu abazwise bona. Uthe okwaholela esenzweni sakhe ukuthi wayecwile ezikweletini, ekweleta omashonisa imali enguR6 000.

Uthe ube eseqhamuka necebo lokuthi athole ikhanda lomuntu ngoba wake wezwa kuthiwa abelaphi bendabuko basebenzisa izicubu zabantu ukwenza imithi.

Evuma icala, uthe yena nomunye aboshwe naye, uMnuz Lehlohonono Swaartboi baphuza amabhodlela amabili otshwala noNzimakwe, ngaphambi kokuthi bamdonsele ehlathini.

Lethula isigwebo ecaleni iJaji Zaba Nkosi libuze uJojisa ukuthi behla kanjani ubuthongo ebusuku ekubeni enza into enje. Uthe uJojisa noSwartbooi oliphikayo icala badlonywa utshwala ngenhloso yokugila le mikhuba.

“Enakwenza kuyisono esikhulu. Isigwebo sikadilikajele sikufanele,” kusho uNkosi.