NGEMUVA kokufika kukhala ibhungezi kwisithabathaba somuzi oseMhlanga, oKlebe badlulele kumuzi kaNkk Zandile Gumede oseNanda ukuyoshaqa impahla ngoLwesine ekuseni.
OKlebe bamatasa bashaqa impahla kaNkk Gumede, owayeyimeya yeTheku, neyabanye asolwa nabo emacaleni enkohlakalo athinta ithenda yokuqoqwa kukadoti kuleli dolobha.
Kuvele ukuthi umuzi obekuhlala kuwo uGumede oseSomerset Park eMhlanga empeleni akuwona owakhe, ubeqashile kuwo.
Ngesikhathi oKlebe befika eMhlanga ubengekho uGumede kukhona abanikazi bomuzi nokuyibona abaveze ukuthi uGumede ubewuqashile umuzi kanti ubengasahlali kuwona kusukela ngoJulayi nonyaka.
Ukungatholakali kukaGumede emzini oseMhlanga awubhalisa njengomuzi ahlala kuwona kungamenza azithole esobishini ngokwephula imigomo yebheyili yakhe.
OKLEBE banikele emzini wowayeyiMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede eMaoti, eNanda ukuyoshaqa impahla. Isithombe: Sihle Mavuso
Ngesikhathi oKlebe befika emzini kaGumede oseNanda bazithele kuyena.
Okhulumela oKlebe uMnuz Hangwani Mulaudzi, uthe banikele emzini oseMhlanga ngoba kuyilona kheli elabhaliswa nguGumede enkantolo.
"Siye kwelinye ikheli elabhaliswa nguGumede sangamthola khona kanti lokho sesikudlulisele kubashushisi, yibona asebezobhekana nalokho manje," kusho uMalaudzi.
Phakathi kwempahla eshaqwe emizini eyahlukene yalabo abathinteka ekukhwabaniseni isamba sikaR208 million sethenda lokuqoqa udoti eThekwini kubalwa, iPorsche, iLamborghini, amaRange Rover amabili, amaMercedes Benz amabili, ama-Audi amabili kanye nesamba semali esingadalulwanga.
%%%twitter https://twitter.com/hashtag/ZandileGumede?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#ZandileGumedeHawks & Asset Forfeiture Unit members arrive at former @eThekwiniM Mayor #ZandileGumede’s home in eNanda north of Durban. They are raiding homes of those accused in the multi million rand tender fraud. #eNCA pic.twitter.com/Fbk4TDsPRf
— Siphamandla Goge (@SiphamandlaGoge)