Izindaba

Agwetshwe iminyaka eyisithupha amaphoyisa omgwaqo kwelokugwazisa

Bukeka Silekwa|Published

Isithombe esigciniwe: African News Agency (ANA) Isithombe esigciniwe: African News Agency (ANA)

AGWETSHWE iminyaka eyisithupha ebhadla ejele amaphoyisa omgwaqo amabili atholwe enecala lokwamukela imali yokugwazisa. 

Amaphoyisa amabili uBongani Buthelezi (42) noNoncedo Dube (33) afuna ngenkani imali engu-R3 500 kumshayeli owayesolwa ngecala lokudlula izimoto ezombili ku-barrier line emgwaqeni ngoMeyi wango-2017.

UMnyango wezokuThutha uthe umshayeli wayikhokha lemali ngoba wayethembe ukuthi uzokhishwa esitokisini. Umshayeli akanikezwanga ithikithi futhi akanqunyelwanga usuku azovela ngalo enkantolo. 

Umshayeli wanikezwa inombolo yeselula yelinye lamaphoyisa, okuyinombolo eyayihambisana ne-akhawunti lapho kwakumele akhokhe khona imali yokugwaza. Emuva kokukhokha imali, umshayeli wakhishwa esitokisini. 

UMnyango uthe uButhelezi noDube baboshwe emuva kokuphothulwa kophenyo. 

Lawa maphoyisa avele enkantolo yamacala athinta izimalo ngoLwesihlanu odlule lapho banikezwa izigwebo zeminyaka eyisithupha, ngombandela wokulengiswa konyaka owodwa. 

Okhulumela iRoad Traffic Management Corporation uMnuz Simon Zwane uthe izigwebo ezifana nalezi zizothumela umyalezo oqinile kwamanye amaphoyisa, ukuthi uhulumeni kanye nabantu basemphakathini sebekhathele amaphoyisa asebenzisa izikhundla zawo ngokungemthetho ukuze athole imali. 

UNgqongqoshe wezokuPhepha nezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Bheki Ntuli uthe kuyacaca ukuthi amaphoyisa atholwa enecala lokuphula umthetho azojeziswa. 

“Ngikhuthaza bonke abashayeli ukuthi babike amacala afana nalawa ukuze sizolwisana nenkohlakalo. Ngifuna ukuxwayisa amaphoyisa ukuba ayeke lomkhuba wokuthatha imali yokugwazela kulabo abaphula imithetho yomgwaqo ngoba lokho kulimaza imizamo yethu yokulwisana nenkohlakalo kanye nokushona kwabantu emgwaqeni,” kuchaza uNtuli.