Izindaba

Abefundisi abayizwa eyokushadisa abobulili obufanayo

S'MANGELE ZUMA|Published

ABAYIZWA eyokushadisa izithandani zobulili obufanayo abefundisi bamabandla amadala aziwa ngokuthi amabandla omthetho.

Bathi yize kuyilungelo lazo izithandani ukuthi zishadiswe ngabefundisi kodwa nabo banelungelo lokwenqaba phezu kombandela wokuthi inkolo yabo ayihambisani nalolu hlobo lomshado.

Ngempelasonto edlule umethuli wezinhlelo oyintandokazi uSomizi Mhlongo Motaung uphenduke undabuzekwayo ngesikhathi eshada umshado wesintu nesinqandamathe sakhe uMohale Motaung Mhlongo.

Ngayo le mpelasonto umlingisi weGenerations The Legacy ophinde abe ngumethuli wezinhlelo uNomsa Buthelezi-Shezi naye ushade ngokwesintu nesinqamathe sakhe esingowesifazane uZandile Shezi-Buthelezi.

Ezinye izithandani ezingosaziwayo nazo okunamahlebezi okuthi zizoshada maduze nguMoshe Ndiki noPhelo Bala.

Isolezwe ngeSonto likhulume nabefundisi abehlukene ngokushadisa izithandani zobulili obufanayo.

UMbhishobhi Linda Mandindi oyinhloko yamaWeseli eNatal Coastal Synod, uthe engqungqutheleni yabo yakamuva bavumelene ngokuthi isinqumo bazosishiyela kumfundisi osuke eceliwe ukuthi aqhube lolu hlobo lomshado.

“UMthethosisekelo wezwe uyakuvumela ukushadiswa kwabantu bobulili obufanayo. Nami njengomfundisi yilungelo lami ukucela ukuhoxa ekuqhubeni umshado walolu hlobo ngoba uphikisana nengikholelwa kukho,” kusho uMandindi.

Uthe basadinga ukuqhuba izingxoxo ngomshado wabantu bobulili obufanayo ukuze baqonde ukuthi umshado awusekho phakathi kowesilisa nowesifazane kuphela kodwa usuphakathi kwabantu ababili abathandanayo okungaba abesifazane bobabili noma besilisa bobabili.

UMengameli webandla iZulu Congregational Church (ZCC) kuleli uMbhishobhi Sithembiso Hlophe wale waphetha ukuphawula ngalolu daba.

UMbhishobhi Musa Mgobhozi oyinhloko ye-African Ethiopian Church (AEC) uthe bayayizwa ikhulunywa eyokuvunyelwa komshado wezithandani zobulili obufanayo kodwa basalinde uMnyango wezaseKhaya ukuthi ubacacisele ukuthi uzoqhutshwa kanjani.

Uthe ngeke bande kakhulu ngalolu hlobo lomshado kuze kube bahlaliswa phansi bachazelwe ngalo.

UMfundisi Vusi Gama webandla leZayoni uthe abakasiboni isidingo sokushadisa abantu bobulili obufanayo.

“Inkolo yobuKhrestu ayikwamukeli ukushada kwabantu bobulili obufanayo.

“UNkulunkulu wadala indoda wase wadala owesifazane ukuthi abe ngumsizi wakhe ngoba ebona kungafanele ukuthi indoda ihlale yedwa. Akakaze adale indoda nendoda,” kusho uGama.

Okwamanje uthe basamile ekutheni umshado uphakathi kwendoda nomfazi mhlawumbe ngokuhamba kwesikhathi bangaguquka ngoba izinto ziyajika nabantu bayaguquka.

UFata Smilo Mngadi webandla lamaRoma uthe abasoze bashadisa abantu bobulili obufanayo ngoba kuphambene nomyalelo webandla.

Uthe ebandleni lakhe umshado uphakathi kowesilisa nowesifazane awukho umthetho ongabaphoqa ukuthi baguquke kulokhu ngoba isonto ulijoyina ngoba uthanda usuke ungaphoqwe muntu.