Isithombe: Sigciniwe Isithombe: Sigciniwe
UMNYANGO wezeMfundo usuxwayise othisha abathandana nabafundi ukuthi noma ubudlelwano babo bungagunyazwa abazali kodwa umnyango uzobaxosha ubafake emabhukwini amnyama okufundisa.
Lesi sexwayiso besiphelezelwa yizindaba zokuthi umisiwe emsebenzini uthisha waseMelmoth (51) osolwa ngokulala nomfundi oneminyaka engu-13. OKhulumela uMnyango wezeMfundo uMnuz Muzi Mahlambi uthe, siyanyuka isibalo sothisha abathandana nabafundi. Uthe umnyango ubaqaphe ngeso lokhozi. UMahlambi ukusho lokhu kulandela imibiko yokuthi lo thisha ubhekene necala lokudlwengula nelokuzama ukubulala, kanti uvele enkantolo ngesonto eledlule. Umnyango ube usuthatha isinqumo sokummisa emsebenzini. Kusolakala ukuthi lo thisha ufake lo mfundi umqondo wokuthi bayathandana. Ngesikhathi esekhulelwe, wamnika amaphilisi okukhipha isisu wamkhohlisa ngokuthi awezinhlungu.
Lo mfundi waphuthunyiswa esibhedlela esesimeni esibucayi nokuyilapho okwavela khona ukuthi amaphilisi awanikwa nguthisha kwakungawokukhipha isisu. UMahlambi uthe, lo thisha uzophenywa wumnyango bese eqondiswa ubugwegwe. Uthe uma abazali bewasula amacala abekwe lo thisha, uzoxoshwa kanti futhi angase afakwe emabhukwini amnyama uma uphenyo lomnyango luthola ukuthi ubenobudlelwano nalo mfundi.
"Uma sithola ukuthi izinsolo ezikhona ngalo thisha ziyiqiniso, ngeke sidembesele ukumxosha ngoba ubazi kahle lokhu abezifaka kukho. Njengothisha oqeqeshiwe, uyazi ukuthi ubudlelwano phakathi kothisha nabafundi abuvumelekile kanti futhi kuphambene nomthetho wezikole. Hhayi ukuthi akuvumelekile esikoleni kuphela, kodwa kuyihlazo ukuthi indoda endala ithandane nomntwana omncane. Kufanele abazali bangakuvumeli lokhu," kusho uMahlambi.