Izindaba

Usebhekene necala lokudlwengula osolwa ngokubulala izingane zakhe (4)

Jolene Marriah-Maharaj|Published

USEBHEKENE necala lokudlwengula owesilisa waseWyebank ePinetown osolwa ngokubulala izingane zakhe ezintathu nendodakazi angayizali.

Ngokusho koKhulumela uPhiko lwezokuShushisa uNkk Natasha Ramkossoon-Kara leli cala lifakwe ngeledlule ngesikhathi umsolwa evele eNkantolo yeMantshi yasePinetown. URamkissoon-Kara uthe, kusolakala ukuthi umsolwa wadlwengula umgilwa ngaphambi kokubulala izingane zakhe. Angeke lidalulwe igama lamsolwa aze avume noma aphike icala lokudlwengula enkantolo. Abantwana balo wesilisa abaneminyaka engu-4, 6 nengu-10 batholwa belenga ekhaya labo ngoSepthemba 3. 

Indodakazi yakhe angayizali eneminyaka engu-16 yatholwa iklinywe ngebhande ehlathini elisePadfield Park ePinetown. Kusolakala ukuthi umsolwa wazilanda esikoleni izingane zakhe ngaphambi kokuthi zitholwe zibulewe. Abangani bendodakazi endala bathi, ngaphambi kokuthi umngani wabo ahambe noyise owayemlande esikoleni, wabatshela ukuthi uma kukhona okwenzekayo bazi ukuthi kuyobe kwenziwe nguye.

Iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe iDaily News, labika ukuthi unina wezingane ezibulewe onguthisha, wahamba ekhaya ekuseni eya emsebenzini eshiya umyeni wakhe ethi uzoya kofuna enye indawo yokuhlala. Endleleni eya emsebenzini wadlula esiteshini samaphoyisa eyobika ngengxabano ababebenayo ngobukusu bangayizolo. Umsolwa ugqunywe esitokisini kanti kulindeleke ukuthi aphinde avele enkantolo ngesonto elizayo.