Athwale kanzima amaphoyisa kamasipala kubhikisha amalungu omphakathi eSiphingo ekhalaza ngokugqoza kwezimfuno zomphakathi. Isithombe: Sithunyelwe Athwale kanzima amaphoyisa kamasipala kubhikisha amalungu omphakathi eSiphingo ekhalaza ngokugqoza kwezimfuno zomphakathi. Isithombe: Sithunyelwe
ASEBUYELE emsebenzini amaphoyisa kamasipala amabili alimale egandaywa umphakathi ngamatshe ngenkathi kunombhikisho mayelana nokugqoza kwezidingo zomphakathi eSiphingo ngoMsombuluko.
Okhulumela amaphoyisa eMetro uParbhoo Sewpersad uthe bekukhona imibhikisho enodlame kule ndawo ngenxa yezinkinga zikagesi.
“Uhhafu wabahlali basemijondolo ubuwuthola ugesi kodwa abanye bebengakwazi ukuthola ugesi. Baqale umbhikisho njengoba beshise itransformer namathayi.
USewpersad uthe ngenkathi kuqhubeka imibhikisho kulimale amaphoyisa amabili uConstable Eugene Naidoo oshaywe ngetshe esiphomgweni noConstable Jerry Govender olinyazwe ngetshe eqolo.
“Womabili amaphoyisa athole usizo lwezempilo kodwa uGovender ubuyele emsebenzini emva kokuxilongwa ngabezempilo”.
USewpersad uthe kubizwe amaphoyisa ukuba azoqapha isimo ebusuku njengoba umbhikisho uqhubeke cishe usuku lonke.
“Isimo sesidambile njengamanje kodwa amaphoyisa asaqaphile kule ndawo”.