Izindaba

Kukhalwa ngabasebenzi bamasipala weTheku abahuqa ubuthongo emapaki

Bukeka Silekwa|Published

Esinye sezithombe ezifakwe ezinkundleni zokuxhumana kukhalwa ngabasebenzi bakamasipala abasolwa ngokulala emsebenzini Esinye sezithombe ezifakwe ezinkundleni zokuxhumana kukhalwa ngabasebenzi bakamasipala abasolwa ngokulala emsebenzini

YIZE sekusabalele izithombe zabasebenzi bakamasipala abavilaphayo ezinkundleni zokuxhumana, umasipala weTheku uphika indaba yabasebenzi bawo okuthiwa bayalala, bedlale ngomakhalekhukhwini noma behlale ngesikhathi somsebenzi. 

Abantu abasabalalise izithombe zabasebenzi ezinkundleni zokuxhumana baveze ukuthi laba basebenzi bahlezi belele futhi abawenzi umsebenzi abaqashelwe wona. Iningi labasebenzi abaqashwe ngaphansi kwezamapaki nokungcebeleka, iDurban Solid Waste (DSW), ezamanzi, ukuthuthwa kwendle nabasebenza ngogesi babanjwe oqotsheni ngabantu abathathe izithombe besalele. 

Esithombeni esifakwe kuFacebook yilungu lomphakathi u-Ingrid Hawkins, silandelwe umbhalo obuchaza kanje: “Akuqashwe abantu abawulungele umsebenzi nalabo abafuna ukusebenza. Akuwona umsebenzi omuhle kodwa ekugcineni umsebenzi. Bayaholelwa ukuba basebenze hhayi ukuthi balale usuku lonke bebheke amaselula”. 

Okhulumela uMasipala weTheku uMsawakhe Mayisela uthe abakaze bathole izikhalazo mayelana nabasebenzi abavilaphayo abalala ngesikhathi somsebenzi. 

“Akulungile futhi noMasipala awuvumelani nalomkhuba. Asinaso isiqinisekiso sokuthi izithombe zithathwe nini, kungenzeka ukuthi izithombe zishuthwe ngesikhathi sabasebenzi sokuphumula. Ozotholakala elele emsebenzini uzojeziswa. 

ISouth African Municipal Workers’ Union ithe ingakhulumela abasebenzi uma ukulala kwabo kuphazamisa umsebenzi. UNobhala wezifundazwe uJaycee Ncanana uthe: “Udaba lokuthi basebenza kanjani lungakhulunywa nomqashi wabo”. 

“Abantu basemphakathini kumele baqonde ukuthi uma ubona umuntu elele ngaphansi kwesihlahla noma iloli, lokho akusho ukuthi basebenzela iDSW noma amapaki okanye olunye uphiko lokusebenzela uMasipala. Abantu abayeke ukukhuluma izinto abangazazi. Esikhathini esedlule, bekunabasolwa ababoshelwe ukuganga begqoke umfaniswano wakwaDurban Solid Waste. Kugcine kutholakele ukuthi lezigilamkhuba azibona abasebenzi baMasipala ngaphansi kwaDSW," usho kanje.