Izindaba

Ikhehla lisolwa ngokudlwengula inqwaba yabafana

Nonhlanhla Shangase|Published

IKHEHLA elisolwa ngokudlwengula abafana eSt Wendolins eMarriannhill, lazivumela lona ukuthi selidlwengule inqwaba yabafana abancane abangomakhelwane balo.

Lokhu kuvele eNkantolo yeMantshi ePinetown ngoLwesine.

“Ngathi uma ngimbuza ukuthi uyenzelani into enje, wangitshela ukuthi naye yinto ahlulekayo ukuyivimba, ivele izenzekele. Ngambuza ukuthi uyayisebenzisa yini ikhondomu, wangitshela ukuthi akaguli yena,” kusho uNksz Maureen Nxumalo efakaza ecaleni elibhekene noMnuz Sipho Mfene (62) osolwa ngokudlwengula abafana abancane abawu-11.

Abagilwa wuMfene kubikwa ukuthi ngabafana, abanye abayizelamani futhi abangomakhelwane.

Usolwa ngokuthi ubenza lo mkhuba kusukela ngo-2015 edlwengula umfana oneminyaka eyisikhombisa.

UMfene usolwa nangokuphoqa abanye abafana ukuthi badlwengulane bodwa yena abuke.

Inqwaba yalaba bafana kubikwa ukuthi bangomakhelwane baleli khehla.

UNksz Nxumalo uthe ngoMeyi 2017, kunabesifazane abafika emzini wakhe bembuza ukuthi ubesezwile yini ngemikhuba egilwa wuMfene.

Uthe lolu daba lwamcasula kakhulu waze wavukuza amanye amalungu omndeni, bayogasela emzini walo wesilisa osekhulile.

Uthe yilapho-ke uMfene avuma khona ukuthi uyawugila umkhuba ebafaneni.

Leli cala liyaqhubeka enkantolo njengoba lihlehliselwe u-Okthoba nonyaka.