Isithombe: Pixabay Isithombe: Pixabay
INYUNYANA enkulu yabasebenzi basemabhange iSouth African Society Bank Officials (SASBO) isinxuse abakuleli ukuthi zikhiphe imali eyanele ngoLwesithathu nangoLwesine ngoba kungenzeka zingakwazi ukuyikhipha ngoLwesihlanu.
Lesi sexwayiso silandela ukhukhulela ngoqo wesiteleka samabhange ekulindeleke ukuthi sibe khona ngoLwesihlanu, lapho abasebenzi basemabhange bezobe belwa nokulahleka kwemisebenzi embonini yezezimali kuleli. UNobhala-jikelele weSASBO uMnuz Joe Kokela uthe, bangaphezu kuka-55 000 kwabangu-73 000 abasebenzi okulindeleke ukuthi babe yingxenye yesiteleka.
"Abantu kumele baqinisekise ukuthi bakhipha imali eyenele ngoba ama-ATM nemishini yokukhokha izobe ingasebenzi. Asijezisi izakhamizi kepha silwa nokulahleka kwemisebenzi," kusho uKokela.
Lesi siteleka silandela ukumemezela kwamanye amabhange ukuthi azodiliza abasebenzi. Kwabikwa ngo-Agasti 1 ukuthi iNedbank izodiliza abasebenzi abangu-1 500 abangaqashiwe ngokuphelele. NgoMashi nonyaka, iStandard Bank yamemezela ukuthi izodiliza abasebenzi abangu-1 200 ivale amagatsha angu-91. UKokela ukholelwa ukuthi bangaphezu kuka-10 000 abantu abangase baphelelwe yimisebenzi.
IBanking Association of South Africa (BASA) ithe izothatha izinyathelo ezinqala ukunciphisa ukuphazamiseka kwamakhasimende. Ithe amabhange azovulwa njengokwejwayelekile, kepha uma kuqhubeka iziteleka abantu bayanxuswa ukuthi basebenzise izindlela zobuchwepheshe ukwenza izidingo zabo zemali.
"Amabhange azoqapha isimo ukuqinisekisa ukuphepha kwabasebenzi namakhasimende. Uma kuqubuka isiteleka, silindele ukuthi abomthetho nezinyunyana baqinisekise ukuthi kukhona ukuthula futhi baqinisekise ukuphepha kwamakhasimende nempahla," kusho iBASA.
Le nhlangano ithe, amabhange ayazi ngezinga eliphezulu lokungabikho kwemisebenzi kuleli.
"Ayaxoxisana nabasebenzi nabakhulumeli babo ukunciphisa ukulahleka kwemisebenzi. Ukuteleka ngeke kusize ukulwa nenkinga ebhekene namabhange, kepha kuzolimaza umnotho kulahle nokutshalwa kwezimali. Ukuphela kwesisombululo ukufundisa nokukhuphula izinga lokutshalwa kwemali ukunyusa umnotho namathuba emisebenzi," kusho yona.
IStandard Bank Group ithe iyazi ngesiteleka kanti inezinhlelo ezibekile ukubhekana nezidingo zamakhasimende.
"Amakhasimende siyawanxusa ukuthi asebenzise izindlela zobuchwepheshe ezifaka iBanking App, Internet Banking, USSD kanye nama-ATM," kusho bona.