UGWETSHWE odilikajele abayisithupha neminye iminyaka ewu-129 enkantolo eNkulu eGauteng u-Ediozi Odi olahlwe yicala lokushushumbisa abantu namanye amacala ahlobene nalokhu.
Uhulumeni ukushayele ihlombe ukugwetshwa kwalo mlisa ongowokudabuka eNigeria, owabanjwa ethumbe amantombazane amathathu esebenza njengezigqila zocansi.
"Lesi sigwebo sikubeka kucace ukuthi labo abazotholwa benecala lokushushumbisa abantu bazogwetshwa kanzima," kusho obambe njengonobhala-jikelele weGCIS uNksz Phumla Williams.
"Uhulumeni usazibophezele ekuqiniseni ezokuphepha kubantu baseNingizimu Afrika. Izwe lethu libhekene nesimo sokunyuka kwesibalo sodlame olubhekiswe kubantu besifazane nezingane, uhulumeni ngeke akuvumele ukuthi kuqhubeke lokhu. Ukuhlukunyezwa, ukubulawa kwabesifazane kanye nokushushumbiswa kwabo ngeke singabhekani nakho futhi kumele bonke abantu bakuleli baqinisekise ukuthi kuyanqandwa," usho kanje.
Ngokocwaningo lwakamuva, iNingizimu Afrika ibalwa namazwe aphambili ekushushumbisweni kwabantu emhlabeni okubizwa nge-human trafficking. Kuleli uhulumeni usesungule iHuman Trafficking Act ukubhekana nalesi sihlava. Ngaphezu kwalokho uhulumeni usejoyine uhlelo lamanye amazwe emhlabeni lokulwa nokushushumbiswa kwabantu.
UWilliams uthe lolu hlelo olumenyezelwe umengameli Cyril Ramaphosa ngoLwesithathu luzolekelela nasembhidlangweni wokwehlisa izigameko zokubulawa nokudlwengulwa kwabantu besifazane kuleli.