Izindaba

Akekho ozoshushiswa 'ngokudliswa' kukaZuma

Siyabonga Mkhwanazi|Published

INPA ilichithile icala lokudliswa ushevu kowayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma. Isithombe: Mike Hutchings/Reuters INPA ilichithile icala lokudliswa ushevu kowayengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma. Isithombe: Mike Hutchings/Reuters

UPHIKO lwezokushushisa kuleli, iNational Prosecuting Authority (NPA) luhoxise icala ebeliphenywa ngokudliswa ushevu kwalowo owayengumengameli wakuleli uMnuz Jabo Zuma. 

I Business Day ibike ukuthi, ngoLwesihlanu obambe njengenhloko yeNPA KwaZulu-Natal u-Advocate Elaine Zungu wabhalela oklebe incwadi ethi abukho ubufakazi bokuqhubeka nokushushisa. Unkosikazi kaZuma uNkk Nompumelelo Ntuli-Zuma nguye owayesolwa ngokudlisa uZuma ushevu nokwaholela ekususweni kwakhe eNkandla ngowayenguNgqongqoshe wezokuVikelwa koMbuso uMnuz David Mahlobo. Kubikwa ukuthi ngemuva kokuvulela umkakhe icala, uZuma akazange esasenza isitatimende esicacisa ngokudliswa kwakhe ushevu nokwenze kwaba nzima ukushushisa kuleli cala.  

UZuma wavela phambi kwekhomishini kaZondo ephenya ngokubhozonyelwa kombuso yidlanzana lapho aveza khona ukuthi kunezimpimpi zangaphandle nezakuleli ebezinetulo lokumdicilela phansi kusukela eminyakeni engu-30 eyedlule. UZuma kulindeleke ukuthi aphinde avele phambi kwekhomishini ngasekupheleni konyaka. Lokhu kulandele isivumelwano phakathi kwekhomishini nabammeli baZuma ukuthi kufanele aqedele ukwethula ubufakazi.

Lesinqumo seNPA sishiye abantu bakuleli behlukene phakathi ngemibono enkundleni uTwitter. 

%%%twitter https://twitter.com/News24?ref_src=twsrc%5Etfw">@News24

— Quinton Mtyala (@mtyala)

%%%twitter https://twitter.com/hashtag/lifeesidimeni?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#lifeesidimenithe NPA claims there’s no evidence? Now I ask again, how can one take anything they say serious?

— Dr J Mahlangu (@maths00001)