LIMLAHLILE icala lokudlwengula intombazanyana (8) endaweni yokudlela iDros ePitoli uMnuz Nicholas Ninow ngoMsombuluko. Isithombe: Thobile Mathonsi (ANA) LIMLAHLILE icala lokudlwengula intombazanyana (8) endaweni yokudlela iDros ePitoli uMnuz Nicholas Ninow ngoMsombuluko. Isithombe: Thobile Mathonsi (ANA)
UZOGWETSHWA ngo-Okthoba uNicholas Ninow (22) olahlwe yicala lokudlwengula intombazanyana eneminyaka engu-8 endaweni yokudlela, iDros restaurant ePitoli, ngoSepthemba nyakenye.
UJaji Papi Mosopa wethule isinqumo senkantolo ePhakeme ePitoli ngoMsombuluko ekuseni.
Ngesikhathi ethola uNinow enecala uMosopa uthe inkantolo iyakuchitha okwashiwo uNinow ngokwenzeka ngoba umgilwa yize ayemncane ngesikhathi edlwengulwa, ukwazile ukutshela inkantolo ukuthi uNinow owangena ethoyilethi ngesikhathi eqeda ukuzikhulula.
Ngeledlule uNinow wavuma icala lokudlwengula, elokutholakala nezidakamizwa nelokwephula ukusebenza kwengalo yomthetho. Ngesikhathi umgilwa ethula ubufakazi (egumbini elinekhamera iCCTV) ngeledlule waveza okuhlukile kunalokho okwakushiwo uNinow ngokwenzeka ngelanga lesigameko. Esitatimendeni esafundwa ummeli kaNinow sokuvuma icala, uNinow wathi, umgilwa wangena ethoyilethi ngesikhathi esebenzisa izidakamizwa kanti wayengaqondanga ukumlimaza. Umgilwa esethula ubufakazi waveza ukuthi uNinow wamlandela ngesikhathi eya ethoyilethi lasendaweni yokudlela iDros ePitoli wabe esemdlwengula, kanti lesi senzo senze abashushisi banquma ukuthi uNinow wabe ehlelile ukulimaza umgilwa.
Unina kamgilwa kwadingeka alekelelwe ngabanye abasebenzi baDros ukuvula ithoyilethi ekwakudlwengulelwa kulona indodakazi yakhe ngesikhathi eyibheka engayitholi. Unina kamgilwa uthi kwamhlukumeza akubona ngelanga lesigameko futhi akaboni uyokukhohlwa esaphila.
“Ngesikhathi siphusha ngangiyizwa ingane yami imemeza ithi ‘Mama, ngisize.’ Sathi sesiqala ukuphusha ngamandla, umuntu owayengaphakathi wathi, ‘nifunani, niyangiphazamisa. Kwangihlukumeza engakubona kanti angeke ngiphinde ngibe kahle emoyeni," kusho yena.
Uthe bagcina bekwazile ukuvula isicabha kodwa okwamethusa ukubona uNinow ephuma egijima ethoyilethi labesifazane eya kwelabesilisa eshaya ngesudi yesele. Ukuze athole ukuthi kwenzekeni, wamlandela waya ethoyilethi labesilisa.
“Ngifika ethoyilethi ngamufica ezisula umphambili wakhe nge-tight nephenti lendodakazi yami. Ngambuza ukuthi kungani elahla ethoyithelethi (flush) izimpahla zendodakazi yami wangangiphendula.”
UNinow uzogwetshwa ngo-Okthoba 16-17.