Izindaba

Kufe umfundi (15) empini bebanga intombi

Nonhlanhla Shangase|Published

UMBANGO wentombi weminyaka wamabhobhodlana aneminyaka ewu-15, enza uGrade 10 eSastri College enkabeni yeTheku, uphethe kabi elinye lidubula libulala elinye kubuka abantu edolobheni kuWarwick Avenue eThekwini ngoLwesine.

Omunye wabangani bakaMoyeni Walter (15) obulewe, uMarks Sifunga, utshele leli phephandaba ukuthi osolwa ngokubulala ubevele eyisiqhwaga esaziwayo esikoleni abafunda kuso.

“Bebehlale bethukana esikoleni kubangwa intombi futhi naleyo ntombi kade yasho ukuthi ayimfuni (umsolwa).

“Baxabane kakhulu kuleli sonto lo mfana waze wasabisa ngokuthi uzobiza amagenge akhe angakubo azoqeda ngomngani wami.

“Yena into ebimcasula wukuthi lo mfana ubemchapha ngenhlamba esabekayo phambi kwezinye izingane,” kusho lo mfundi.

Uthe ngoLwesine le ngxabano iye yashuba sebeyogibela bebuya esikoleni, umsolwa ehamba nabanye abangani bakhe abangabazi.

“Ngifuna ukusho kodwa ukuthi ngiphoxekile ukuthi sithi siyizingane sinempi engaka kuyisemini, abantu bazibukele nje badlule kuze kufe umuntu bangalamuli noma babize amaphoyisa.”

Uthe umufi yena ubekhuza inhlamba kakhulu yikona okwenze ukuthi aze agcine edutshulwa.

Ebuzwa kabanzi ngodaba lwentombi, nokuthi ibibangwa

kanjani, uSifunga uthe umsolwa ubevele ethanda ukuthi zonke izintombi eziyizingqazu esikoleni kube ngezakhe.

“Nentombi angathandani nayo ubevele athi uthandana nayo ngoba enzela ukuthi ingashelwa muntu. Nale kaMoyeni subelokhu ethi

yintombi yakhe kodwa yake yasho ekhona ukuthi unamanga,” kusho lo mfundi.

Imizamo yokuthola ukuphawula komndeni kamufi igcine iphunzile.

Amaphoyisa esifundazweni asiqinisekisile lesi sigameko salaba bafundi.

Okhulumela amaphoyisa

aKwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe sekuboshwe abafana abaneminyaka ephakathi kuka-15 no-16 mayelana nalesi sigameko.

“Kusolwa ukuthi udutshulwe abanye abafundi abangangaye, uphuthunyiswe esibhedlela kodwa wagcina ngokushonela khona njengoba ebelimele kabi.

“Amaphoyisa aseBerea avalele abasolwa ababili, uphenyo lusaqhubeka,”kusho uLt Colonel Zwane.