UZONGCWATSHWA ngoMgqibelo uNatasha Conabeer (23) oshone ngoMsombuluko ngemuva kokunyamalala amasonto amathathu. Isithombe: Facebook UZONGCWATSHWA ngoMgqibelo uNatasha Conabeer (23) oshone ngoMsombuluko ngemuva kokunyamalala amasonto amathathu. Isithombe: Facebook
UZOFIHLWA ngoMgqibelo eNanda Glebe uNatasha Conabeer (23) okusaphenywa ngokushona kwakhe.
Inkonzo yomngcwabo wakhe izoba sesontweni i-UCCSA Inanda Mission ngo-8 ekuseni.
UConabeer wagcina ukubonwa emgwaqweni uFlorida eThekwini ngo-Agasti 19, wagcina ukuxhumana nabantu ngocingo ngo-Agasti 22. Ngemuva kwamasonto amathathu elahlekile, watholwa elele phambi komnyango wakubo esesimweni esicubayi nokwasolakala ngokuthi ushiywe khona ngabebemthathile. Waphuthunyiswa esibhedlela lapho ashonele khona ngoMsombuluko.
Namhlanje umndeni kaConabeer unxuse abantu ukuba bagqoke umbala omnyama bamashe nawo besuka esiteshini samaphoyisa saseNanda beya e-UCCSA Inanda Mission nokuyilapho ebekuzobanjwa khona inkonzo yakhe yesikhumbuzo ngo-10 ekuseni.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe, amaphoyisa aseDurban North asaphenya ngokufa kwakhe kanti kuzokwenziwa uhlolo lwesidumbu oluzoveza ukuthi ubulawe yini.
Ngasekuqaleni kwesonto, uninalume wakhe uNosipho Goba uveze ukuthi kunokwenzeka ukuthi uConabeer uphuziswe ushevu ngesikhathi enyamalele. UGoba uthe umshana wakhe ubenezibazi ezibonakalayo emadolweni nasengalweni kuphela.
"Ube nenkinga yama-organs nokwenze udokotela wakhe asole ukuthi udliswe ushevu. Ukuhlolwa kwegazi lakhe kuveze ukuthi ubene paracetamol eningi emzimbeni wakhe nebrake fluid," kusho uGoba.
Uthe, uConabeer ubeshiywe ngaphandle komnyango ekhaya lakhe nomndeni wakhe eliseNanda phakathi kwamabili ngeSonto.