Izindaba

BUKA: Badinwe baziphindiselela abokufika eWitbank kutatshwa impahla

Phumelele Nxumalo|Published

Isithombe esithathwe emasontweni edlule ngesikhathi kuhlaselwa izitolo zabokufika ePitoli naseGoli. Isithombe: Bongani Shilubane African News Agency (ANA) Isithombe esithathwe emasontweni edlule ngesikhathi kuhlaselwa izitolo zabokufika ePitoli naseGoli. Isithombe: Bongani Shilubane African News Agency (ANA)

UHLANGABEZANE nengwadla owesilisa waseWitbank eMpumalanga ethelwa isibhaxu ngabokufika ngesikhathi betapa impahla ezitolo zabokufika kuleli dolobha izolo.

Kwi video esisabalale enkundleni yokuxhumana uTwitter kubonakala iqulu labantu liphuma kwezinye zezitolo zabokufika liphethe izimpahla. Ngesikhathi liphuma libaleka leli qulu oyedwa wesilisa uyashibilika awe okunikeza umnikazi wesitolo ithuba lokumshaya. Ngesikhathi eshaywa, kuqhamuka abanye abanikazi bezitolo ababili nabo bamthele isibhaxu. Lo wesilisa uze alanyulelwe yiphoyisa. 

Lesi sigameko sakamuva sokutatshwa kwempahla eWitbank silandela lezo ezisabalale esifundazweni iGauteng emasontweni amathathu edlule, lapho bekutatshwa khona impahla ezitolo zabokufika. Bangu-12 abantu abalahlekelwe yizimpilo zabo kulezi zigameko. Kwabashonile, babili abokufika kanti abangu-10 ngabaseNingizimu Afrika. Bangaphezu kuka-400 abantu asebeboshiwe ngokudala udlame emphakathini nokweba selokhu kwaqubuka izigameko zodlame.

Lezigameko ziholele ekutheni inkampani ezimele yaseNigeria i-Air Peace izibophezele ngokuthutha abantu baseNigeria abakuleli mahhala ibaphindisele ezweni labo. Mane amabhasi athuthe abokufika ebasusa eNigerian Consolate eseGoli ebayisa esikhumulweni sezindiza i-O.R Tambo International Airport, kanti kwabathuthiwe bekukhona nabesifazane abane baseNingizimu Afrika. Yize abanye beqale baba nenkinga yokungabi namaphepha alungele ukuthi bathuthelwe eNigeria kepha bangaphezu kuka-300 abagcine bendiziswe yile nkampani ibaphindisa eNigeria. Iqoqo lesibili bekulindeleke ukuthi lithuthwe ngoLwesine.