USOLWAZI Thuli Madonsela. Isithombe: Henk Kruger/ANA USOLWAZI Thuli Madonsela. Isithombe: Henk Kruger/ANA
OWAYENGUMVIKELI woMphakathi kuleli uSolwazi Thuli Madonsela usejoyine isibalo esikhulayo sezifundiswa nosopolitiki abachitha ukuhlaselwa kwabantu bokufika kuleli.
UMadonsela ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nesiteshi sezindaba i-eNCA ngoLwesibili. UMadonsela uthe, kuningi okufanele kwenziwe ukulwa nesihlava sodlame olubhekiswe kubantu bokufika.
"Lokhu kuyimiphumela yokulwela ingqalasizinda eshodayo futhi kuyimiphumela yokuthi abantu babone ukuntenga kwengalo yomthetho. Ukuthi abantu bazithathele umthetho ezandleni kwenza isimo sibe sibi kakhulu," kusho uMadonsela.
UMadonsela uphinde waveza ukuthi, ukubiza bonke abantu bokufika ngezigilamkhuba akulungile kanti futhi kulwa nomgomo wezwe wobuntu.
"Kuzoba khona isimo sokuziphindiselela ngoba akekho umuntu ozovumela kwenziwe okungalungile kuyena. Njengabantu baseNingizimu Afrika kufanele silwe nobugebengu obuqale lokhu. Lokhu futhi kuphinde kukhombe inkinga enkulu esibhekene nayo, siyivulile imincele kanti siyizwe elingenalo uhlelo lokuhlanganyela," kusho yena.
Inkulumo kaMadonsela ihambe phezu kwamazwi omholi we-EFF uMnuz Julius Malema naye ukugxekile ukuhlaselwa kwabantu bokufika ngesikhathi ekhuluma nesithangami sabezindaba ngoMsombuluko.
"Uma seniqedile ngabantu baseNigeria, Mozambique naseZimbabwe nizojikela amaShangane aseGiyani ngakho kufanele ngininqande manje. Kwenzeni konke lokhu enikwenzayo kodwa uma seniqedile nizojikelana nodwa ngoba bazobe bengasekho abantu bokufika enizobalwisa, kepha indlala izosala ikhona," kusho uMalema