Amaphoyisa athole ummese, isibhamu esingekho emthethweni, izinhlamvu zezibhamu, amakhadi asebhange, imali kanye nomakhalekhukhwini ngemuva kokubopha abasolwa. Isithombe: SAPS Amaphoyisa athole ummese, isibhamu esingekho emthethweni, izinhlamvu zezibhamu, amakhadi asebhange, imali kanye nomakhalekhukhwini ngemuva kokubopha abasolwa. Isithombe: SAPS
USALE enkundleni owesilisa odutshulwe amaphoyisa obanjwe oqotsheni ebamba owesifazane inkunzi ngasemshinini wemali (ATM) enkabeni yedolobha iTheku ngeSonto.
Amaphoyisa asebenza enkabeni yedolobha iTheku abehlola ubugebengu maphakathi nedolobha ngenhloso yokunciphisa ukubanjwa kwabantu inkunzi, ukudunwa kwezimoto kanye nokwebiwa kwezimpahla.
NgeSonto amaphoyisa abone amadoda amane abebamba umuntu wesifazane inkunzi ngasemshinini wemali. Lamadoda angene emotweni abehamba ngayo njengoba kade esebalekela amaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa amabili ajahe lamadoda, kwalandela ngokudubulana.
“Ngesikhathi sokudubulana, amaphoyisa anqande abasolwa ababili. Umsolwa wesithathu ulimale kabuhlungu emuva kokudutshulwa. Amaphoyisa athole ummese, isibhamu esingekho emthethweni, izinhlamvu zezibhamu, amakhadi asebhange, imali kanye nomakhalekhukhwini emva kokubamba lawa madoda,” kuchaza uZwane.
Abasolwa abaneminyaka engu-32 no-36 ngokuhlukana, babekwe amacala okuzama ukubulala, ukubamba inkunzi kanye nokuphatha izibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni. Laba bavele enkantolo yeMantshi eThekwini ngoLwesibili.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt General Khombinkosi Jula ubongele amaphoyisa ngokunqanda ubugebengu.
“Yize zigolozile izigebengu, amaphoyisa akwazile ukumelana nobunzima ayibamba ishisa. Ngiyabonga ukuthi amaphoyisa akwazile ukuphuma engalimele ngenkathi kuba nokudubulana,” kusho uJula.