Izindaba

Okubophise uMshengu weSam Holdings

Phumelele Nxumalo|Published

UBOSHIWE uMnuz Sam Mshengu weSam Holdings ngokuba seNingizimu Afrika ngokungemthetho. Isithombe; Twitter UBOSHIWE uMnuz Sam Mshengu weSam Holdings ngokuba seNingizimu Afrika ngokungemthetho. Isithombe; Twitter

SILALE sibaliwe isiqumama saseMpumalanga uMnuz Sam Mshengu ngezinsolo zokuthola imvume yokuba kwelaseNingizimu Afrika ngokungemthetho.

UMshengu onenkampani yamaloli iSam Holdings ezinze eMpumalanga uboshwe oklebe ngeSonto kulandela uphenyo ngokuba kwakhe kuleli. OKhulumela amaHawks uMnuz Hangwani Mulaudzi ukuqinisekisile ukuthi uMshengu uboshwe kulandela uphenyo ngobume bakhe kuleli.

"UMshengu uboshwe kulandela uphenyo olwenziwe ngumnyango wezaseKhaya mayelana nokuba kwakhe eNingizimu Afrika. Ubhekene necala lenkohlakalo, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, kanye nokuphula umthetho wabokufika kuleli. Usasenkantolo njengamanje," kusho uMulaudzi.

 

UMshengu wazakhela udumo ezinkundleni zokuxhumana ngenyanga kaJulayi ngesikhathi kusabalala amavideo nezithombe ezinkundleni zokuxhumana ephethe izimoto ezingu-72 zikanokusho ezazimphelezela zilibangise kwiVodacom Durban July. Lezi zimoto zingaphansi kwenhlangano yakhe nabangani bakhe ebizwa nge 'Sam Convoy' kanti ezingu-10 kuzona zazibalwa njengezakhe.

Ekhuluma esiteshini somsakazo iPowerFM ngemuva kweDurban July uMshengu wathi wazalelwa eMakwarela eVenda.

"Imvelaphi yami iyadabukisa. Ngazalelwa endaweni yasemakhaya ebizwa ngeMakwarela eVenda ngikhuliswa ngumama kuphela," kusho uMshengu.

Kulolu hlelo uMshengu waphinda waveza ukuthi wayeka isikole eneminyaka engu-11 wayosebenza epulazini lamawolintshi ngoba kudliwa imbuya ngothi ekhaya. Kusepulazini lapho afunda khona konke ngemboni yamaloli waze wasungula inkampani yakhe.

Abalandeli bakhe bebeshiyelana inkundla bebeka imibono yabo kuTwitter. Abanye bebethi kwakungafanele aveze umcebo wakhe ezinkundleni zokuxhumana kanti abanye bebesola uhulumeni ngokudicilela phansi uMshengu owenza ibhizinisi elisemthethweni kodwa eyishaya indiva imikhuba yokuntshontsha egilwa osopolitiki.

%%%twitter https://twitter.com/hashtag/SamMshengu?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#SamMshengu #samholdings

— Man's Not Barry Roux  (@AdvBarryRoux)

— Man's Not Barry Roux  (@AdvBarryRoux) September 9, 2019

%%%twitter https://twitter.com/hashtag/samholdings?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#samholdings pic.twitter.com/Jtf0ejQWDL

— @tsekes_th🖤💛💚 (@th_tsekes)

%%%twitter https://twitter.com/hashtag/SamHoldings?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#SamHoldings pic.twitter.com/GQ6zPxK2Iz

— Punky (@punkieleen)