Izindaba

Isigwebo sentambo ngeke sisize muntu - ungoti

DELI MNCWABE|Published

KUKHALWA nxazonke ngokudlanga kokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane okudlangile ezweni njengoba bebaningi abakhala nangengalo yomthetho ehlinzela izisulu ezibini Isithombe: SITHUNYELWE KUKHALWA nxazonke ngokudlanga kokuhlukunyezwa nokubulawa kwabesifazane okudlangile ezweni njengoba bebaningi abakhala nangengalo yomthetho ehlinzela izisulu ezibini Isithombe: SITHUNYELWE

UKUBUYISA isigwebo sentambo okufunwa ngabantu ukulungisa izwe ngendlela ngeke kusize umuntu.

Lokhu kuvezwe wummeli ophinde abe wungoti wezoMthethosisekelo uMnuz Mpumelelo Zikalala. Kunokubuyiswa kwalesi sigwebo, uthe uhulumeni kufanele ushintshe indlela owenza ngayo uma uqeqesha amaphoyisa nasekujeziseni abagwetshiwe.

UZikalala ubephawula ngodaba lokwenyuka kwesibalo sabafisa kubuye isigwebo sentambo lapha eNingizimu Afrika.

Lesi siphakamiso esivela emphakathini sidalwa wukwanda kobugebengu obehlukene, ukuhlukunyezwa nokubulawa ikakhulukazi kwabesifazane nezingane.

Izigameko zokubulawa kwabesifazane yizona ezidlangile muva nje. Okunye okuvelayo wukuthi, abanye baqala ngokuduka, qambe betholakala kutholakale ukuthi badlwenguliwe bese bebulawa.

Abesifazane bakholwa wukuthi lezi zigameko ziwumphumela wokungaqini kwengalo yomthetho kuleli.

Abanye besifazane nezingane abadlule ngesandla sabesilisa uReeva Steenkamp, Francis Rasuge, Jesse Hess, Uyinene Mrwetyana, Leighandre Jegels ukukha phezulu.

Yize leli khwelo lokubuyiswa kwesigwebo sentambo lidlangile kodwa uZikalala uthe ukubuya kwaso ngeke kube yisisombululo.

“Khumbula ukuthi ukuvalwa kwaso kwadalwa yicala elaba yingqophamlando phakathi koMbuso noS V Makwanyane nokwahlaluka kulona ukuthi isigwebo sentambo siyaphikisana nelungelo lomuntu lokuphila, eNkantolo yoMthethosisekelo,” kusho uZikalala.

Uthe yingakho kwavunyelwana ngokuthi kube khona izigwebo ezingamniki umuntu ushwele, ngaleyondlela ngeke savalwa.

Uqhube wathi ukubuya kwalesi sigwebo sentambo kungabe kusasho khona ukuthi kubuyelwa emuva.

“Uma abantu befuna isigwebo sentambo kufanele bazibuze ukuthi lesi sigwebo sizokwazi yini ukufeza abakufisayo ngoba kungenzeka kungafezeki,” kusho uZikalala.

Uthe okwenza asho kanje wukuthi kwamanye amacala isigilamkhuba sijatshuliswa wukunakwa nokuba sematheni.

“Isibonelo, ezinye iziboshwa zijatshuliswa wukubona zinakwa. Lokho kuzenza zizizwe ziyizikhokho ngempela.

Ukuzinika intambo kuzozenza zizizwe zinamandla okuthi wonke amehlo athe njo kuzona futhi sekwenziwa nokungejwayelekile ukuzama ukuzinqanda kwezikwenzayo.’’

Uthe okufanele kwenziwe wukuthi zijeziswe ngemuva kwalokho zizisole, bese zihlunyeleliswa izimilo.

Elinye iphuzu alivezile uZikalala elokuthi amaphoyisa kufanele aqeqeshwe ngendlela ezokwenza akwazi ukuphatha ngobunono amacala, akwazi nokuzwelana nezisulu.

“Kubalulekile ukuthi amaphoyisa aqeqesheke ngendlela, kudlulele nakubaphenyi bamacala, ukuze kugwemeke amaphutha agcina edale ukuthi amacala achithwe yizinkantolo,” usho kanje.

Lokhu uthe kufanele kudlulele nasekubambisaneni nabashushisi.