UNKK Xoli Dladla-Mpungose, unina wezingane ezibulewe nguyise, ubehanjelwe nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Nonhlanhla Khoza Isithombe: Leon Lestrade/African News Agency(ANA) UNKK Xoli Dladla-Mpungose, unina wezingane ezibulewe nguyise, ubehanjelwe nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Nonhlanhla Khoza Isithombe: Leon Lestrade/African News Agency(ANA)
UBOSHWE ezama ukuzilengisa uyise (44) wezingane ezine zaseWyebank osolwa ngokulengisa izingane zakhe ngoba sebehlukanisa nomkakhe.
Indoda, igama layo eligodliwe anduba ivela enkantolo, kuthiwa ilengise izingane zayo ezine.
Izidumbu zezingane - Sphesihle Mpungose (10), Khwezi Mpungose (6) noKuhlekonke (4) no-Ayakha Jiyane (16) zitholakale zilengisiwe ngoLwesibili.
Kuthiwa izidumbu zikaSphe, Khwezi noKuhlekonke zitholakale endlini zilenga ngamabhade egawuni zigqoke izinto zesikole emakameleni ahlukene endlini.
Esika-Ayakha sitholakale ehlathini laseNew Germany silengiswe ngothayi wesikole.
Umakhelwane ozibonele ngesikhathi izingane zitholakala, uNkk Sdudla Ndlovu, uthe namanje basashaqekile ngokubulawa kwezingane.
Uthe ngokwazi kwabo uyise wezingane, okuthiwa ubehlukanisa nonina wazo, uNkk Xoli Dladla-Mpungose, ofundisa eSithokozile Secondary School, KwaDabeka, uzilande esikoleni wase ezilengisa ngokuhlukana.
“Kuthiwa ulande lena encane enkulisa wase elanda ezinye esikoleni samabanga aphansi eLyndhurst, wazilengisa zonke wase eshiya endlini ekhiyile. Kuthiwa ube eselanda * -Ayakha ePinetown Girls High. Ngokuthola kwethu kwezinye izingane * -Ayakha ushilo kwezinye izingane ukuthi njengoba emthatha esikoleni nje uyise uma kukhona okwenzeka kuye kuyobe nguye okwenzile. Kusho ukuthi ingane beyivele isola ukuthi kukhona azokwenza. Namanje sihlukumezekile siwumphakathi ngento eyenzekile,” kusho uNkk Ndlovu.
Kuthiwa uyise wezingane ufonele uyise ka-Ayakha wathi akazolanda iphasela lakhe eNew Germany.
Kuvele ukuthi uyise ubevele emhlukumeza umkakhe anduba athathe isinqumo sokuthi ahlukanise naye.
Unina omdala kaNkk Mpungose, uNkk Thandekile Mlaba, uthe indodakazi yakhe beyifihla ingasho ukuthi umyeni wayo uyayihlukumeza.
Uthe naye uthole ngoba sekwenzeke isehlakalo ukuthi beyihlukumezeka.
“UXoli ubebabikela odadewabo ngokuhlukumezeka kwakhe kodwa mina engangitsheli okungangokuthi bengingazi nanokuthi sebeyahlukanisa. Kubuhlungu ngoba uthe uma esesho wathi ubengasho ngoba ethi ubekezele - yithina esibatshela ukuthi kuyabekezelwa emendweni.
“Uma esesho umyeni wakhe ubefaka izintombi endlini enze nokunye obekumhlukumeza.
“Uthe ubethi uma embuza ngokufaka amantombazane endlini yakhe athi ukwenza ngoba uXoli uthanda kakhulu izingane zakhe kunaye,” kusho uNkk Mlaba.
Uthe bayabonga ukuthi ugcine eboshiwe. Ubonge amaphoyisa ngomsebenzi wawo
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa komphakathi, uNkk Nonhlanhla Khoza, uthe sebekhululekile manje njengoba eseboshiwe ngoba bebehlele ukuthi bathathe unina wezingane bayombeka endaweni ephephile.
UNgqongqoshe wezokuphepha, uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe siyashaqisa isibalo sabantu besifazane asebebulewe ngesihluku KwaZulu-Natal. Balinganiselwa ku-30 asebebulewe selokhu kuqale unyaka.
Uthe kungumsebenzi wawo wonke umuntu ukuqinisekisa ukuthi abesifazane bazizwa bevikelekile ngaso sonke isikhathi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa asebenze ubusuku nemini kusuka ngoLwesibili ukuqinisekisa ukuthi uyaboshwa. Uboshwe eSub 5 ngaKwaDabeka.
Kulindeleke ukuthi avele enkantolo yemantshi ePinetown maduze ngamacala amane okubulala.