Izindaba

Isililo esikoleni ngomfundi olengisiwe

Thobeka Ngema|Published

BEZIHLULEKA nawukuzibamba izingane ebezifunda nenye yezingane zaseWyebank, u-Ayakha Jiyane (16) obengumfundi esikoleni samabanga aphakeme, iPinetown Girls High, zikhala izolo.

Lokhu kulandela ukubulawa kwakhe nezingane zakubo, uSphe (10), Khwezi (6) noKuhlekonke Mpungose (4) abatholakale belengisiwe ngoLwesibili.

Abafundi, othisha, amalungu esigungu esilawula isikole nawenhlangano i-African Transformation Movement benzele lezi zingane umkhuleko izolo emuva kokubulawa kwazo ngesihluku ngowesilisa ebezimazi njengoyise.

Ezinye zezingane bezihleli emadeskini abebekelwe ukuthi kubhalwe kuwo izivivinyo, ezinye beziqoqene emuva kwehholo, ezinye zithulisana.

Isikhashana nje umkhuleko uqalile ezinye izingane zihluleke ukuzibamba zaphuma ehholo zigcwele izinyembezi emehlweni, ezinye zikwazile ukuhlala ziqhubeke nomthandazo zimboze ubuso ngezandla.

Elinye ilungu likhuleke lanxusa ukuthi kube yisehlakalo sokugcina esenzeke kulesi sikole.

Ngokwemibiko yesikole kunomunye umfundi obefihlwa ngempelasonto.

Ngesikhathi ekhuluma nabafundi emthandazweni uthishanhloko wesikole, uNkk Sibongile Njapha, uthe uke wakhuluma nonina ka-Ayakha wathi useqalile ukubekela i-matric dance ngoba unethemba lokuthi uzoba ngomunye wabafundi abavelele esikoleni.

UMbhishophi uNqoba Zindela obengamele umthandazo ugqugquzele abafundi ukuthi babhoboke kothisha noma umuntu abamethembayo.

Uthe kungenzeka ukuthi lo muntu ubulele umengameli wezwe obezoshintsha izwe kusasa.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uMnuz Kwazi Mthethwa uthe bahlukumezekile ngokufa komfundi.

Uthe kubukeka sengathi umuntu obulele * -Ayakha ubulale isifundazwe sonkana ngoba ukube uphilile ubezoshintsha nempilo yezinye izingane.

“Ubengaba umholi wethu wakusasa,” kusho uMthethwa.

Kuvele ukuthi * -Ayakha ubengumfundi okhaliphile kakhulu, ehlonipha futhi eziphethe kahle esikoleni.