Izindaba

Zimkhalele owesilisa obulale izingane (4) ePinetown

Phumelele Nxumalo|Published

U-SPHESIHLE, Kuhlekonke, Khwezi Mpungose, kanye no-Ayakha Jiyane abatholwe belenga ePinetown ngoLwesibili.Isithombe: Twitter U-SPHESIHLE, Kuhlekonke, Khwezi Mpungose, kanye no-Ayakha Jiyane abatholwe belenga ePinetown ngoLwesibili.Isithombe: Twitter

UKHALELWE ngamasongo kasigonyela owesilisa (44) osolwa ngokubulala izingane zakhe (3) nendodakazi angayizali (1) ePinetown ngoLwesithathu.

Abathathu kulaba bantwana uSphesilhle, uKhwezi noKuhlekonke Mpungose batholwe ngunina belenga ekhaya labo eliseWyebank kanti owesine u-Ayakha Jiyane utholwe elenga ehlathini eliseNew Germany.

Kusolakala ukuthi umsolwa ulande abantwaba bakhe abathathu esikoleni ngoLwesibili emini waya nabo ekhaya labo. Unina wabo uthe methola ukuthi uyise uzilandile izingane wabikela amaphoyisa aKwaDabeka. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uboshiwe kulandela ukutholwa kwezingane ezine zilenga.

"Ngesikhathi unina wale zingane ezwa ukuthi uyise uzilandile usolile ukuthi kukhona okushaya amanzi wabe esebikela amaphoyisa aKwaDabeka. Amaphoyisa abe esehamba naye nokuthe uma befika emzini wakhe bathola izingane ezimbili zilenga egumbini lokulala elikhulu kanti enye itholwe ilenga kwelinye igumbi," kusho uMbele.

UMbele uqhube wathi unina walezi zingane ube eseya ePinetown Girls' High School lapho bekufunda khona indodakazi yakhe (16) kepha wathola ukuthi uyise ubeseyilandile.

"Ngesikhathi kwenziwa uphenyo isidumbu sale ntombazanyana sitholwe silenga ehlathini eliseNew Germany. Umsolwa ube eseboshwa kanti ubhekene namacala amane okubulala aphenywa ngamaphoyisa asePinetown," kusho yena.