Isithombe: SIBONELO NGCOBO Isithombe: SIBONELO NGCOBO
SIBUYELE kwesijwayelekile isimo emakhazeni kahulumeni uGale Street (Magwaza Maphalala) emuva kokuthi abasebenzi bebeke phansi amathuluzi ngoba bengafuni kubuyiswe umphathi owasuswa.
NgoMsombuluko abasebenzi bakulawa makhaza badube ukusebenza kwaphazamiseka izinhlelo zemindeni zokufihla ngoba bethi abafuni kubuyiswe owayengumphathi walawa makhaza owasuswa ngowayenguNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Sibongiseni Dhlomo.
Izolo uNobhala wenyunyana yabasebenzi basemakhazeni kahulumeni, iPublic and Allied Workers Union of South Africa (Pawusa), uMnuz Halalisani Gumede, uthe abasebenzi babuyele emsebenzini emuva kokuthi kuphume umyalelo wokumiswa kohlelo lokubuyiswa kwalo mphathi.
“Abasebenzi babuyele emsebenzini kodwa abagculisekile ngokuthi akucacisiwe ngokuthi kuzokwenziwani ngalo mphathi okuyimanje usebenzela emahhovisi esifunda.
“Okwamanje udaba lokubuyiswa kwakhe lusamisiwe kodwa akukaziwa ukuthi uzophetha ngokuthi ayiswe kuphi,” kusho uGumede.
Abasebenzi baveze
ukuthi ngeke baze bakwazi ukuthi basebenzisane kahle nalo mphathi ngenxa yokuthi kuke kwaba nezinxushunxushu phakathi kwakhe nabasebenzi.
UGumede uveze ukuthi izolo babe nomhlangano noNgqongqoshe wezeMpilo, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu lapho bedingide khona izinkinga ezikhona emakhazeni.
Uthe lo mhlangano bekungowokudingida zonke izinkinga ezikhona - bebengagxilile kuphela odabeni lwakuGale Street.
Uthe umhlangano wabo nongqongqoshe ubanike ithemba ngoba ziningi izinto abakwazile ukuthi baxoxe ngazo kanti futhi lona bekuwumhlangano wabo wokuqala nongqongqoshe omusha.
Izolo leli phephandaba libike ngokuphazamiseka kwemindeni ebihlele ukufihla izihlobo zayo.
UGumede uthe noma abasebenzi bebuyele emsebenzini kungenzeka kube nemindeni engakwazi ukuthi ifihle izihlobo zayo ngoba bekuvele kunomthamo omkhulu wezidumbu obekufanele zilungiselwe imindeni yazo.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Noluthando Nkosi, uthe kuyamjabulisa ungqongqoshe ukuthi ukusebenza sekubuyele esimeni esijwayelekile emakhazeni kahulumeni kuGale Street.
“Lokhu kulandela umhlangano obe khona phakathi komnyango nabamele abasebenzi. Umnyango uyaxolisa ngokuphazamiseka kokusebenza obekungenzeka kuholele ekutheni imindeni ingakwazi ukufihla abathandiweyo bayo,” kusho uNkk Nkosi.