BAHLELI ngokwesaba abokufika esifundazweni iGauteng. Isithombe: Bongani Shilubane BAHLELI ngokwesaba abokufika esifundazweni iGauteng. Isithombe: Bongani Shilubane
YIZE isimo sesidambile, kodwa abokufika abazinze edolobheni elibhoke ngezidubedube kulezi zinsuku eGoli, bathi basathuka izanya.
Izakhamizi zaseNingizimu Afrika bezigcwele imigwaqo kuleli dolobha njengoba zishise zaphinde zazitapela impahla ezitolo zabokufika kusukela ngesonto eledlule.
Izibhelu nodlame olubhekiswe kwabokufika kuleli ziqale ngesonto eledlule ngenkathi kuvela izinsolo zokuthi abantu bokufika babulele usomatekisi wasePitoli.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uGeneral Bheki Cele, obehambele iJeppestown enkabeni yedolobha, unxuse amalungu omphakathi ukuba ayeke ukuhlasela abokufika waphinda wathembisa ukuthi uzobuya ngeSonto esezolalela izikhalo zabo.
UCele ushiye amaphoyisa azoqapha isimo kule ndawo njengoba eqinisekisile ukuthi sekuboshwe abantu ababalelwa ku-300 ngenxa yokuthinteka kulezi zigameko zodlame.
Izakhamizi zaseJeppestown, ezikhala ngokuthathelwa imisebenzi namabhizinisi ngabantu bokufika, zikubeke kwacaca ukuthi ngeke ziluyeke udlame ngoba azifuni nokubona ngisho oyedwa umuntu wokufika kule ndawo. Amaphoyisa agcine engenelele kulolu daba njengoba esize abantu bokufika ngokuthutha kule ndawo. UCele uveze ukuthi sekushone abantu abahlanu ngenxa yodlame olubhidlange eGoli, abathathu kubo abaseNingizimu Afrika.
UMengameli Cyril Ramaphosa uveze ukukhathazeka ngendlela udlame oselubhebhetheke ngayo ngenkathi ethula inkulumo emayelana nokuhlaselwa kwabokufika. “Ukuhlaselwa kwabokufika sekudlulele manje. Akuyona indlela esibheke ukubukeka ngayo eNingizimu Afrika, lapho imiphakathi ihlaselana khona. Sifuna luphele lolu dlame manje. Abantu bethu bafuna ukuhlala ngokuthula. Ngisho ngabe sinezikhalazo ezinjani, kumele sizixazulule ngendlela eqondile. Asikwazi ukuthethelela abantu baseNingizimu Afrika abahlasela abokufika kuleli,” kusho uRamaphosa.
Izigameko zodlame kwabokufika azehlanga kahle kubantu basemazweni ase-Afrika njengoba abanye bezwakalise ukunengeka ngalesi senzo ezinkundleni zokuxhumana. UNgqongqoshe wezokuXhumana naMazwe angaPhandle eNigeria, uMnuz Geoffrey Onyeama uzwakalise ukucasuka ngokuhlaselwa kwabokufika kuleli, waveza nokuthi bazoyithathela izinyathelo le ndaba.
Esitatimendeni esibhalwe kuTwitter, isifundazwe iGauteng siveze ukungathokozi ngendlela izimpahla nezitolo zabokufika ezilinyazwe ngayo njengoba kuqhubeka udlame kule ndawo, kuphinde kwagcizelelwa ukuthi amaphoyisa azosebenza ngokukhulu ukuzimisela ukuvalela izigilamkhuba kanye nokubuyisa ukuthula esifundazweni iGauteng.