OWAYENGUMENGAMELI wakuleli uMnuz Jacob Zuma obehambele umngcwabo kaMnuz Gain Watson. Isithombe: Raahil Sain / ANA OWAYENGUMENGAMELI wakuleli uMnuz Jacob Zuma obehambele umngcwabo kaMnuz Gain Watson. Isithombe: Raahil Sain / ANA
UCHAZE uMnuz Gavin Watson njengendoda emangazayo futhi ekhaliphile owayengumongameli waseNingizimu Afrika uMnuz Jacob Zuma obekhulumula enkonzweni yomngcwabo wakhe ebibanjelwe eFeather Market Hall, edolobheni lasePort Elizabeth ngoLwesibili.
UWatson, obeyisikhulu esiphezulu se-African Global Operations, ebiyaziwa ngeBosasa, udlule emhlabeni ngoMsombuluko ngo-Agasti 26 engozini yemoto ngaphandle kwase-OR Tambo International Airport. UZuma ubezokhalisana nabomndeni wakwaWatson njengoba emchaze “njengeqabane” elisebenze kanzima ukufukula iNingizimu Afrika.
“Ngachazeka kakhulu ngendlela ababesebenza ngayo. Umsebenzi wakhe wawumuhle kakhulu ngendlela yokuthi wayenezimpendulo kuzona zonke izingqinamba esasihlangabezanga nazo. Kwangijabulisa ukumbona emuva kwesikhathi eside ngingasamboni. Ubeyiqabane elenza umehluko omkhulu ekufukuleni izwe lethu. Ubefana nomfowethu kanye nomngani wami," kusho uZuma.
Phakathi kwabantu abebehambele lenkonzo yomngcwabo bekukhona nowayenguNgqongqoshe wezokuVikela uMnuz Charles Nqakula kanye nowayengumdlali wamabhokobhoko uCharles Kleinbooi.
UZuma uchaze indlela obhuti bakaWatson abebehlakaniphe ngayo kwezamabhizinisi njengoba ebalule ukuthi wahlangana nabo besebenza ngaphansi kwe-ANC kodwa bengaziwa kakhulu.
“Nguyena kuphela owavakashela eNkandla ukuze ezobona lendawo engundabamlonyeni. Wayefuna ukuzibonela futhi waba nesikhathi esihle kakhulu,” kusho uZuma.
UZuma ukhulume ngokukhathazeka kwakhe ngombiko okhishiwe omayelana nokufa kukaWatson aveze ukuthi awuqondakali kahle. UZuma ugcizelele ukuthi uphenyo olubanzi yilona oluzoxazulula lolu daba ngoba akucaci ukufa kukaWatson. UZuma, obe esevala ngegoma azakhele ugazi ngayo ethi "mshini wami", uthe iyamkhathaza indaba yokubulawa kwamaqabane.