Izindaba

Bathukile ngoxhonxwe amehlo wabulawa

LUNGI LANGA|Published

OMAKHELWANE nabomndeni kaNksz Fiseni Ngcamu bekhala emuva kokutholakala kwesidumbu sakhe ekhaya Isithombe: Doctor Ngcobo/African News AgencyANA) OMAKHELWANE nabomndeni kaNksz Fiseni Ngcamu bekhala emuva kokutholakala kwesidumbu sakhe ekhaya Isithombe: Doctor Ngcobo/African News AgencyANA)

USATHUTHUMELA umndeni nomphakathi waseMbumbulu emuva kokutholakala kowesifazane (53) eklinyiwe wafa, exhonxwe amehlo okusolwa ukuthi uqale ngokudlwengulwa.

UNksz Nokulunga Ngcamu (18), indodakazi kamufi uNkk Fiseni Patricia Ngcamu, uthe namanje usathukile emuva kokuthola isidumbu sikanina silaliswe embhedeni sinamanxeba okugwazwa nokuklinywa kubonakala sengathi uqale wadlwengulwa.

Kuthiwa umufi ubehambe nomngani wakhe beye emcimbini kwamakhelwane.

“Umama ubengumuntu obevame ukuzihambela imicimbi aziphuzele. Ubengayena umuntu obeba wuvanzi nobehlupha uma ephuzile. Nayizolo (esho ngoMgqibelo) ubehambe nomngani wakhe abahlangane naye endleleni base beya komunye umuzi lapho bekunomcimbi khona. Ubuye emuva kwehora lesikhombisa ebusuku ephuzile. Akuzange kube nankinga kithina ngoba ubejwayele ukukwenza lokho,” kuchaza uNksz Ngcamu.

Uthe unina ubuye ephethe isicathulo esisodwa ngesandla wacela ukuphuma athathe esinye emnyango kodwa wangabe esabuya.

UNksz Ngcamu uthe lokhu akuzange kubathuse ngoba bazitshele ukuthi ubuyele kubangani bakhe wahlala nabo.

“Sizitshele ukuthi sizozwa ngaye esengqongqoza kodwa sagcina sesize sazumeka engabuyile. Omunye umzukulu wakhe uke waphuma eyomqalaza wangambona wabuyela endlini. Kuthe uma kusa singamboni saqala sakhathazeka ngoba ubengeyena umuntu obehamba angalali ekhaya,” kusho uNksz Ngcamu.

Kuthiwa umzukulu wakhe ubone isicathulo sakhe eduze kwendlu yenye indodana yakhe ebingekho ekhaya kwathi uma engena kuyona wafica umufi elele enamanxeba okugwazwa.

Umzukulu kuthiwa uzame ukumvusa wangavuka wagijima waya endlini eyobika. UNksz Ngcamu uthe uphuthume endlini yomfowabo wafica unina elaliswe phezu kombhede enamanxeba okugwazwa.

“Ubenamanxeba okugwazwa ebusweni kuphuma igazi nasemehlweni. Ubenezibazi zokuklinywa emqaleni eboshwe nezinyawo. Namanje ngisathukile ngendlela engimbone eyiyona. Sesibonga ukuthi amaphoyisa abophe umsolwa ongumuntu wakhona la endaweni,” kusho uNksz Ngcamu.

Ukhale ngokuthi abazi ukuthi bazothathani bahlanganise nani ngoba unina obebenzela yonke into.

Uthe noma unina ebephuza kodwa phakathi nezinsuku ubebamba amatoho okuwasha abathengele ukudla. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala emuva kokuthi kutholakale owesifazane edlwengulwe wabulawa eMbumbulu.

Uthe kuthathwe abasolwa ababili ukuze bayophonswa imibuzo.