KUBOSHWE abantu abangu-20 ngeziteleka zamaloli eseziyinsakavukela KwaZulu-Natal esezibhebhethekele nakwezinye izifundazwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uBrigadier Jay Niacker uthe ngeSonto umgwaqo obheke eRichards Bay ubuvinjwe ngamaloli angu-11. Uthe amaphoyisa aphendule ngokushesha akwazi ukuthola abashayeli bamaloli abevimbe umgwaqo.
Kuboshwe abantu abangu-11 ngokudala udlame emphakathini nokuphazamisa ukuhamba kwezimoto. NgeSonto ebusuku kuboshwe amadoda amane ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu azingu-15.
"Baphinde batholwa namabhodlela amathathu kaphethiloli, omakhalekhukhwini abangu-7 kanye namagilavu. Amaphoyisa aphinde ashaqa imoto abebehamba ngayo. Bagcinwe esiteshini samaphoyia saseMalvern ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu. Uphenyo lokuthinteka kwabo kwamanye amacala lusaqhubeka," kusho uNaicker.
Endaweni yase-Escourt kuboshwe abantu abahlanu eduze kwegaraji iShell Ultra City.
UNaicker uthe imoto abebehamba ngayo ikhonjwe njengemoto eyayikhona endaweni ekwashiswa kuyona elinye iloli.
"Lawa madoda atholwe namabhodlela anophethroli. Aboshwe esiteshini samaphoyisa sase-Escourt ngokuzama ukubulala nokucekela phansi impahla," kusho uNaicker.
UKhomishana wesifundazwe iKwaZulu-Natal, uLieutenant General Khombinkosi Jula ukwamukele ukuboshwa kwalaba.
"Isibalo samaphoyisa senyusiwe emizileni emikhulu nasezindaweni ezidume ngalomkhuba esifundazweni. Sibaqaphe ngeso lokhozi labo abazokwenza ubugebengu bacashe ngokubhikisha. Ngeke sibe nawo ushwele kwabaphula umthetho wakuleli lizwe," kusho yena.