Izindaba

BUKA: Kuhlaselwe izitolo zabokufika eTembisa

Phumelele Nxumalo|Published

Izimoto ezishile ngesikhathi kusha ibhilidi eTembisa kuhlaselwa izitolo zabokufika. Isithombe: Gauteng SAPS. Izimoto ezishile ngesikhathi kusha ibhilidi eTembisa kuhlaselwa izitolo zabokufika. Isithombe: Gauteng SAPS.

SIMANZONZO isimo eTembisa eGoli kulandela ukuhlaselwa kwezitolo zabokufika ngoMsombuluko ekuseni.

Akuqondakali kahle ukuthi yini ebe ngumsusa walokhu kepha ngokombiko weTimesLive, izakhamizi zakule ndawo zithi zifuna ukuxosha abantu bokufika kuleli lokishi kanti futhi ziyaziphindiselela ngokubulawa komshayeli wetekisi ePitoli ngeledlule. Kuboshwe abantu abangu-8 mayelana nalesi sigameko.

Lesi sigameko silandela esangeSonto ebusuku, lapho iqulu labantu litape impahla ezitolo zabokufika emgwaqweni uJules eJeppestown enkabeni yedolobha laseGoli. Ukutatshwa kwempahla kulezi zitolo kulandele ukushona kwabantu abathathu kwalimala oyedwa ngesikhathi kusha elinye lamabhilidi akule ndawo.

Kusolakala ukuthi ngesikhathi abezicishamlilo bezama ukucisha umlilo abantu basebenzise lelo thuba ukutapa impahla ezitolo eziseduze kwaleli bhilidi. Kushiswe amanye amabhilidi kwashiswa nezimoto ezingu-20 esitolo esidayisa izimoto esiseduze kwaleli bhilidi. Kuboshwe abantu abangu-31 mayelana nalesi sigameko.

Kusabalale izithombe nama-video enkundleni yokuxhumana uTwitter akhombisa abantu bezitapela ezitolo zabokufika.

%%%twitter https://twitter.com/hashtag/tembisa?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#tembisa

Shops hv been looted with no visibility of the @SAPoliceService pic.twitter.com/rmYeNRDvyg

— Rills (@Rilwele6)

%%%twitter https://twitter.com/hashtag/sabcnews?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#sabcnews #etolls #powerbreakfast #Tembisa #JoburgCBD pic.twitter.com/qunNs6lTYU

— Letshela Mofokeng (@SA_first_)

%%%twitter https://twitter.com/hashtag/JoburgCBD?src=hash&ref_src=twsrc%5Etfw">#JoburgCBD #Tembisa pic.twitter.com/kLOJY6fsJu

— Koketso Ramorei (@RamoreiKoketso)