Izindaba

‘Ngeke ziphele izinhlungu zokufelwa’

LUNGI LANGA|Published

IMINDENI yezingane ezimbili ezabulawa ngoshevu ngoNovemba 2017. UMnuz Thandaza Mankayi (kwesokunxele) uyise kaNjabulo, unina omncane kaLuyanda, uNksz Phumzile Msomi, unina kaLuyanda uNksz Nomusa Msomi noyise kaLuyanda, uMnuz Thembinkosi Malati bengaphandle kweNkantolo eNkulu eThekwini. Isithombe: Bongani Mbatha / African News Agency (ANA) IMINDENI yezingane ezimbili ezabulawa ngoshevu ngoNovemba 2017. UMnuz Thandaza Mankayi (kwesokunxele) uyise kaNjabulo, unina omncane kaLuyanda, uNksz Phumzile Msomi, unina kaLuyanda uNksz Nomusa Msomi noyise kaLuyanda, uMnuz Thembinkosi Malati bengaphandle kweNkantolo eNkulu eThekwini. Isithombe: Bongani Mbatha / African News Agency (ANA)

ABAZALI bezingane ezabulawa ngoshevu ngabesifazane ababili, okukhona kubo nowayeyishende likayise wenye, bathi ngeke siphole isilonda sokubulawa kwezingane zabo yize begculisekile ngesigwebo esinikwe oyedwa wabo.

Lokhu kulandela ukugwetshwa kuka-Amahle Maliwa odilikajele ababili ngokubulala uNjabulo Mankayi noLuyanda Msomi ababeneminyaka engu-10 ngesikhathi befakelwa ushevu bebulawa ngoNovemba 2017. Lezi zingane zazifunda esikoleni samabanga aphansi eClairwood.

U-Amahle utshele inkantolo ukuthi wabulala izingane noNksz Liziwe Ngwayishe ngoba wayesaliwa nguyise kaNjabulo, uMnuz Thandaza Mankayi.

Ngesikhathi kufundwa isitatimende sakhe enkantolo, uveze ukuthi yena noNksz Ngwayishe, bakuhlela ukuthatha izingane ngesikhathi zibuya esikoleni.

U-Amahle ugwetshwe ngoLwesithathu.

Izolo icala likaNksz Ngwayishe lihlehliselwe uMsombuluko ukuze axoxe nommeli wakhe.

FUNDA: '

Ngaphandle kweNkantolo eNkulu eThekwini abazali bezingane bathe baneme ngesigwebo esinikwe u-Amahle kodwa amanxeba asekude ukuphola. Unina kaLuyanda, uNksz Nomusa Msomi, uthe sisebuhlungu isilonda sokushona kwengane yakhe.

“Isigwebo esikhishwe yijaji siyanelisa kodwa kithina njengabazali izinhlungu ngeke ziphele, ukuphumula asikutholi. Isigwebo sifundisa noma yimuphi umuntu owenza okubi ukuthi umthetho uyasebenza. Thina bazali asikutholi ukuphumula ngesihluku esenziwa ezinganeni zethu zingenacala. Angimsoli uyise kaNjabulo ngokwenzeka ngoba akazange asithume isigebengu ukuthi sibulale izingane,” kusho uNksz Msomi.

Uthe bafisa ukululekwa ngokomqondo ngoba ubuhlungu babo abupheli ikakhulu njengoba bephinde bashonelwa ngenye ingane yabo ebinenyanga izelwe ingagulanga.

FUNDA:

UMankayi uthe wenelisekile ngesigwebo esinikwe owayeyishende lakhe wathi ufisa sengathi asolwa naye angatholakala enecala anikwe isigwebo esifanayo.

Uthe kwaba nzima ukukholwa wukuthi owayeyishende lakhe angenza into efana nalena ngoba wayezenza umuntu owayezithanda izingane zakhe.

“Kungiphatha kabuhlungu ukuthi wabulala ingane yami. Ubelungile ekhombisa ukuzithanda izingane zami. Angizange ngikholwe ngesikhathi ngithola ukuthi ubulele ingane yami. Ubethi noma ebona izingane zidlala emgwaqweni angitshele uma esengibona ukuthi uzitshelile ukuthi azigoduke,” kusho uMankayi.