Izindaba

Bavele enkantolo abasolwa ngokubulala abawu-6 eMgungundlovu

Se-Anne Rall|Published

Isitolo okubulawe kuso abantu abathathu kwabayisithupha abaqothwe eMgodini, eMgungundlovu, ngempelasonto Isithombe: Mlungisi Gumede Isitolo okubulawe kuso abantu abathathu kwabayisithupha abaqothwe eMgodini, eMgungundlovu, ngempelasonto Isithombe: Mlungisi Gumede

AMADODA amabili aneminyaka engu-41 nengu-43 avele kafushane enkantolo kulandela ukuboshwa esolwa ngokubulawa kwabantu abangu-6 endaweni yaseSigodini ngaphandle kwaseMgungundlovu ngempelasonto.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbele uthe uSipho Mchunu noSthembiso " Jesus" Zondi Mbambo bavele enkantolo ngamacala okubulala.

"Lawa madoda aboshwe ngamaphoyisa ophiko lweProvincial Organised Crime Unit. Bebegqunywe esitokisini ngesikhathi kuqhutshekwa nophenyo," kusho yena.

Kusolwa ukuthi bebeyingxenye yeqembu lezigelekeqe ezine ebezihlose ukubulala abantu abayisithupha.

UMbele uthe amacala ayisithupha okubulala avulwe esiteshini samaphoyisa ePlessislaer ngoMgqibelo.

"Bonke ababulewe babulawe eMgodini ngemuva kwehora lesithupha ntambama. Owesilisa oneminyaka engu-43 wadutshulwa wabulawa. Ngokuqhubeka kwesikhathi, amadoda amathathu angena esitolo adubula abulala abantu abathathu abaneminyaka esukela kwengu-29 kuya kwengu-60. Owesifazane oneminyaka engu-25 naye wadutshulwa esekhaya lakhe kanti owesilisa  oneminyaka engu-24 naye wadutshulwa wafa," kusho uMbele.

NgoMsombuluko, uNgqongqoshe weZokuphepha koMphakathi KwaZulu-Natal Umnuz Mxolisi Kaunda uvakashele le ndawo nokuyilapho ayalele khona amaphoyisa ukuba aqhubeke nokuthungatha abanye abasolwa ababili.

UKaunda ubambe umhlangano nezikhulu zamaphoyisa lapho abadingide khona izindlela zokuqinisekisa ezokuphepha emphakathini.

"Ingxenye yezinhlelo esiqhamuke nazo namaphoyisa zifaka, ukuthungatha abasolwa ababili abathintekayo kulokhu kubulalwa kwabantu kanye nokwenyusa isibalo samaphoyisa endaweni ukuqinisekisa ukuthi abekho abanye abantu ababulawayo," kusho yena.