INDAWO yesigameko lapho kutholwe khona umzimba wowesilisa oseshonile ophahleni lwesitolo eMgungundlovu ngoMsombuluko. Isithombe: Sithunyelwe. INDAWO yesigameko lapho kutholwe khona umzimba wowesilisa oseshonile ophahleni lwesitolo eMgungundlovu ngoMsombuluko. Isithombe: Sithunyelwe.
AMAPHOYISA aseMgungundlovu aphenya icala lokugqekeza kulandela ukutholwa kwesidumbu sowesilisa ophahleni lwesitolo eMgungundlovu ngoMsombuluko ekuseni.
Kusolakala ukuthi lo wesilisa ubezogqekeza kulesi sitolo kanti ushone ngesikhathi esezama ukuphuma ophahleni lwesitolo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMnuz Thulani Zwane uthe lo wesilisa utholwe ngumnikazi wesitolo wabe esefonela amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo.
Ngokusho kukaZwane, umufi kusolakala ukuthi ubezogqekeza kulesi sitolo wabe eseshokhwa ugesi ngesikhathi esezama ukuphuma.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo uMnuz Russel Meiring ukuqinisekisile ukuthi abezimo eziphuthumayo babizelwe endaweni yesigameko bathola owesilisa eshonile.
"Abezimo eziphuthumayo babizelwe esitolo esisemgwaqeni uChurch eMgungundlovu namhlanje ekuseni. Bafike ngo-6.30 ekuseni endaweni yesigameko bathola isidumbu sowesilisa okusolakala ukuthi uneminyaka engu-17 siphakathi ophahleni lwesakhiwo sesitolo. Amaphoyisa nabakwa-Search and Rescue bebesendaweni yesigameko kanti kudingeke basike ingxenye yophahla ukuze bafinyelele kwisidumbu," kusho uMeiring.
"Ngesikhathi sesikhishiwe isidumbu sixilongiwe satholwa ukuthi sinezibazi zokusha ezingalweni. Akukho abesangenzelwa khona."
Kuvulwe icala lokugqekeza esiteshini samaphoyisa saseMgungundlovu kanti amaphoyisa asaphenya nangokushona komufi.