Izindaba

Anginankinga noCele kodwa nguye onenkinga nami - imeya

DELI MNCWABE|Published

DKT NTUTHUKO MAHLABA DKT NTUTHUKO MAHLABA

UKUHOXA kwamacala abebhekene neMeya yaseNewcastle, uDkt Ntuthuko Mahlaba, kuyethule umthwalo. Yize kunjalo ithi ikhathazekile ngoba imindeni eyalahlekelwa isebumnyameni njengoba iqiniso ingalazi ngenxa yabathile abasemandleni, abadlala umacashelana. UDELI MNCWABE umkhiphele eshashalazini.

NGOSUKU okuhoxiswe ngalo amacala obuthweswe wona wakhwela wadilika kuNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele. Ingabe kukhona inkinga noma ukungezwani phakathi kwakho naye?

ANGINANKINGA noCele kodwa uyena onenkinga nami.

YINI inkinga yakhe ngawe?

NGO-2015 kwasha ihhovisi le-ANC. UCele wasola mina wathi ngiyathinteka ngoba wayezama ukuvikela omunye umuntu owayeboshiwe ngaleso sikhathi. Ngambuza ngaleyo nto. Into ayenza wukuthi angishayele ucingo ngo-12 ebusuku wakhuluma ukuthanda kwakhe. Angimnakanga ngoba ngiyamazi uwumuntu othanda ukukhuluma.

NJENGOBA amacala ehoxisiwe uzizwa unjani?

KUYANGITHOKOZISA ngoba ngangishilo kwasekuqaleni ukuthi le nto ikhandiwe, ngimsulwa. Siyeza isikhathi lapho kuzovela khona wonke amaqiniso ngokwenzekayo.

UKE wathi uzothatha izinyathelo zomthetho ngalolu daba. Usuhambe ibanga elingakanani kulezo zinhlelo?

KUNETHIMBA labameli engisebenzisana nalo, elizobe selikuhlanganisile kwabathintekayo. Kuzoba yimpi enzima impela ngoba kunabantu abashaywa baboshwa bephoqwa ukuthi abathi yimina owenza amacala amabi.

Abanye babhaliswa izitatimende zamanga. Kukhona ngisho okuqoshiwe lapho bezwakala bekhala beshaywa kanzima abantu ngoba kuzanywa ukuthi kupendwe mina ngamacala kuthiwe enziwe yimina. Nginobufakazi obuqoshiwe amaphoyisa eziqopha ngesikhathi eshaya abantu.

Ngeke ngimangale uma laba bantu abazama ukwesulela mina ngala macala okufa kwabantu kuyibona abawagila.

Ngelinye ilanga ububi obenziwa emnyango buyohlala obala baziwe yizwe.

KUKE kwanamahlebezi okuthi ubugaqele isikhundla sokuba nguNgqongqoshe wezeMpilo, kuyiqiniso kangakanani lokhu?

AKUSILO iqiniso. Okokuqala nje ngazihoxela mina ohlwini.

KUNABANTU abakweseke kusukela uqala umsindo kuze kufike esiphethweni. Ungafisa ukuthini kubona?

NGIFISA ukubabonga kusukela kwi-ANC, ubuholi bezenkolo, abelaphi bendabuko nomphakathi jikelele.

Abantu bangakithi bayangazi ukuthi ngiyinhloboni yomuntu, bayazi nokuthi le nto isukaphi, ihlanganiswe ngobani.