Izindaba

Amakhansela e-EFF athenga ubutsetse bezimoto azojeza

Intatheli Yesolezwe ngeSonto|Published

Umholi we-EFF KwaZulu-Natal uMnuz Vusi Khoza. Isithombe: Motshwari Mofokeng/African News Agency(ANA) Umholi we-EFF KwaZulu-Natal uMnuz Vusi Khoza. Isithombe: Motshwari Mofokeng/African News Agency(ANA)

ASENKINGENI yokuxoshwa amakhansela e-EFF athenga izimoto eziwubutsetse esikhundleni samaveni njengoba iqembu seliwabhalele izincwadi zokuwaqondisa ubugwegwe noma akhonjwe indlela ezikhundleni.

Lokhu kuvezwe wumholi we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Vusi Khoza obecacisa ngeminye yemigomo eyayibekelwe amakhansela aleli qembu ngesikhathi engena komasipala kusuka ngo-2016.

UKhoza uthe kukhona amakhansela angazange awulandele umyalelo weqembu wokuba athenge amaveni ukuze akwazi ukusiza umphakathi kodwa anquma ukuthenga izimoto zikanokusho ezincane zokutetemuka nokubukwa.

“Sibabhalele izincwadi zokuba basichazele kabanzi ukuthi kungani kumele bengaqondiswa ubugwegwe ngalesi senzo sabo. Abanye sesibabizile ekomitini lokuqondiswa ubugwegwe ngesenzo sabo sokuthenga izimoto ezincane.

“Uma kudlula lapho icala libalahla kuyosho ukuthi bazoshenxa ebukhanseleni kufakwe abantu abazosebenzela umphakathi. Phela awukwazi ukuthenga imoto encane yokubukwa, uyikhansela lethu ngoba uma kuqhamuka ugogo nesaka lamaklabishi ecela umsize, uzomlayishela kanjani?

“Uma kuthiwa kumele uyosebenza emphakathini ezindaweni okungahambeki kalula kuzo uzoya kanjani ngemoto encane yokubukwa

ngoba ezindaweni eziningi kudingeka amaveni,” kusho uKhoza.

Amanye amakhansela e-EFF anele angena ezikhundelni athenga izimoto zikanokusho okubalwa namaMercedes Benz nokuyinto ecike kakhulu ubuholi beqembu.

Isolezwe ngeSonto likhulume namanye amakhansela angakwazanga ukuthenga amaveni ngenxa yezimo zokungavunywa amabhange noma ukungawathandi.

“Mina imoto bengingakwazi ukuyithenga ngoba ngisemabhukwini amnyama ezikweletu. Ngakho ngigcine ngisizwa yisihlobo sanginikeza lena encane engihamba ngayo.

“Ngakho ubuholi abukwazi ukungithathela izinyathelo ngalokho ngoba uma kunjalo kungcono iqembu lisithengele

lona la maveni eliwafunayo,” kusho leli khansela elicele ukungadalulwa.

Amanye amakhansela aleli qembu kuthiwa athenga izimoto ezincane ngoba ethanda nobumnandi uma esehamba ngamaveni azongabonwa njengabantu abasesitayeleni.

UKhoza uthe abanye asebezile ekomitini babanikeza ithuba ngoba bayasho ukuthi basohlelweni lwasemabhange lokuthenga izimoto ezingamaveni kodwa ukuthi izicelo zawo bezingakaphasiswa.

UKhoza ubuye wachaza nangokuthathwa kukahhafu womholo wamakhansela ukuze usize eqenjini.

“Ezinyangeni zokuqala ikhansela lidonselwa iqembu * -50% womholo walo okusho ukuthi uhhafu womholo wanyanga zonke kuze kuphele izinyanga ezintathu.

“Lokho iqembu likwenza ngaphandle kokubheka ukuthi ngabe ikhansela likumasipala okuholwa kancane kuwo noma likumkhandlu elihola kakhulu kuwona.

“Ngemuva kwalezi zinyanga ezintathu, wonke amakhansela namalungu ePhalamende adonselwa imali engu-10% emholweni kuze kuyophela ihlandla leminyaka emihlanu.

“Le mali isiza ezinhlelweni zeqembu njengoba siwumbutho ongenamali,” kuchaza uKhoza.