UMNYANGO wezeMfundo usuxwayise abazali ukuthi baqaphele izinhlelo ezilethwa ezikoleni njengoba uthi uyaye ukhiphe amasekhula uma kukhona izinhlelo zezempilo abaziletha ezikoleni.
Lokhu kulandela isigameko sakamuva sezingane okuthiwa zidilizwe sezigcwele itekisi kuthiwa ziyosoka esikoleni samabanga aphansi iGreyville Primary ngoLwesihlanu olwedlule.
Umzali wengane eyenza uGrade 5 kulesi sikole ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe ukuvikela umntwana, uzwakalise ukukhathazeka ngesigameko asichaze njengesikhombisa ukunganaki kwesikole sokuhanjiswa kwezingane ukuze ziyosoka ngaphansi kohlelo olungaziwa.
Ngokusho komzali, ngaphambi kokuthi ingane yakhe nezinye izingane zigcwaliswe kule moto babethole imiyalezo kumaselula abebezitshela ukuthi ivela esikoleni emasontweni amabili adlule.
Uthe le miyalezo inika abazali ithuba lokuthi bavume ukuthi izingane zabo zizosoka. Ibiphinde ifune imininingwane yabazali namakhophi esitifiketi sengane nomazisi womzali.
Unina wale ngane uthe okumxakile ukuthi ngosuku obekufanele izingane zisokwe ngalo esibhedlela iKing Dinuzulu uthole ucingo luthi akazolanda ingane yakhe emtholampilo iPolly Clinic. Uthe waphuthuma esikoleni njengoba ayazi ukuthi izingane zizolandwa khona wafica izingane zisasemotweni wathi uma ebuza esikoleni bathi bebengazi ukuthi izingane ziyosoka.
Uthe esikoleni bambikela ukuthi abantu ababezolanda izingane benza sengathi bathunywe ngabazali bazo ukuthi bazozilanda ukuze ziyosoka.
“Lokhu kusikhathazile njengabazali ukuthi isikole singakhombisa ukunganaki okungaka. Izingane zithi amafomu zawanikwa ngonesi ababefike esikoleni kodwa isikole sona sithi asazi lutho ngohlelo lokusokwa kwezingane. Ingane yami ike yesaba ukuya esikoleni ngoba beyinovalo lokuthi laba bantu bazofike bazame futhi ukubathatha,” kusho umzali.
Lo mzali uthe ukufika kwakhe kwenza ukuthi kwehliswe nezinye izingane ezazizohamba nale moto njengoba bathi uma befonela esibhedlela iKing Dinuzulu batshelwa ukuthi alukho uhlelo abanalo lokusoka abafundi - bathi olwabo lwenziwa uma kuvalwe izikole. Phezu kwalokhu uthe baphika bathi abamazi lo muntu obezolanda izingane zesikole.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe njengomnyango uma bayaye bakhiphe isekhula kusenesikhathi uma kunohlelo abalwenzayo noma ngabe balwenza neminye iminyango, wenza isibonelo ngohlelo lokugoma.
“Sizosebenzisana noMnyango wezeMpilo ukuthi kuzanywe ukuthi kuphenywe ngokuthi yiluphi lolu hlelo. Kuzobhekwa ukuthi ngabe wuhlelo olungumbombayi yini noma nokuthi uma kuwuhlelo olukhona kungani kungaxoxwanga nathi kuqala ukuze sikhiphe isimemezelo esihlanganisile,” kusho uMahlambi.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Noluthando Nkosi, ukuqinisekisile ukuthi abaphathi bakulesiya sibhedlela abazange bathumele thimba ukuthi liyosoka izingane ngalolu suku olushiwo yilo mzali.