KUVALWE thaqa idolobha iRichards Bay abantu bangakwazi ukuya emsebenzini kwaphazamiseka amabhizinisi, izikole nokuhamba kwamatekisi izolo ngesikhathi kunombhikisho kule ndawo.
Umbhikisho kuthiwa ususwe wukubulawa komshayeli webhasi nomunye usomatekisi okusolwa amaphara ukuthi ahlalise kabi umphakathi ngokubamba inkunzi.
Izolo umbhikisho uphazamise ngisho ukusebenzi komgwaqo onguthelawayeka uN2 njengoba omunye umshayeli weloli ekhishwe ngendluzula kuyo kwathathwa okhiye. Lo mshayeli uthe iloli libe selipakwa lavundla umgwaqo liphazamisa ukuhamba kwezimoto. Uthe abebebhikisha benze okufanayo kwamanye amaloli, bavala ngawo imigwaqo.
Kulindeleke ukuthi isimo sibuyele kwesijwayelekile namuhla emuva kwesivumelwano sokuthi amatekisi abuyele emsebenzini. Phambilini osomatekisi basabise ngokuthi bazoqhubeka nemibhikisho uma kungadedelwa abashayeli ababoshwe ngoMsombuluko, abasolwa ngokushaya amaphara ahlalise kabi umphakathi.
Kushaye isikhathi sokuloba izolo isivuliwe eminye imigwaqo okubalwa noN2. Abagibeli basale dengwane izolo njengoba abashayeli bedube ukusebenza, befuna kudedelwe ozakwabo. Kuthiwa isimo siqale ukushuba emuva kokuba kubulawe umshayeli webhasi emasontweni amabili edlule, okusolwa amaphara ngakho.
UMnuz Thabani Shale, weZululand Chamber of Commerce, uthe umbhikisho uphazamise amabhizinisi ikakhulukazi amancane. “Abasebenzi abazange baye emsebenzini.” Omunye usomabhizinisi uthe ulahlekelwe imali elinganiselwa kuR100 000 ngenxa yombhikisho.
OyiMeya yaseMhlathuze, uMnuz Mdu Mhlongo, uthe izolo babe nomhlangano nabemboni yamatekisi ukuzama ukuthola isisombululo. Uthe baphume nezincomo ezizokwenza ukuthi isimo sisheshe sibuyele kwesijwayelekile. UMhlongo uveze ukuthi ezinye zezigameko eziholele ekushayweni kwamaphara kubalwa ukuthunjwa nokudlwengulwa kowesifazane okusolwa amaphara ngakho.
“Sivumelane ngokuthi amatekisi aqale ukusebenza kusasa (namuhla) futhi sizoqhubeka nokuqapha isimo. Umgwaqo uN2 naseNseleni uvuliwe, kwasuswa namaloli abewuvalile,” kusho uMhlongo.
Imenenja ehhovisi leSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Sfiso Shangase, ithe abanaso isibalo sabashayeli ababoshiwe kodwa babikelwe ukuthi basavalelwe ezitokisini.
“Asikucacise ukuthi akekho umuntu onelungelo lokushaya omunye njengoba kunabashayeli abasolwa kulezi zigameko. Okubi ukuthi ukuboshwa kwabo sekuphazamise nokusebenza kwemboni. Sizama nokuthola ummeli ozosikhulumela nenkantolo ukuze kusheshiswe ukufakwa kwesicelo sebheyili,”kusho uShangase.
Uthe bathole ukuthi laba bashayeli bavelile enkantolo ngoLwesibili kodwa inkantolo yaveza ukuthi isafuna ukuqinisekisa amakheli abahlala kuwo ukuze bafake isicelo sebheyili.
UMnuz Bhekisisa Nzuza okhulumela i-United Taxi Owner’s Association, uthe kukhona amalungu abo aboshiwe. Uthe kuphazamiseke zonke izindawo okuhamba kuzo amatekisi eMpangeni naseRichards Bay.
“Abashayeli bethu bacasulwe ukuthi amaphara asedlalela emarenki, enza khona ubugebengu. Asithandi abantu badlalele emarenki, bahlukumeze nabagibeli bethu,” kusho uNzuza.
Izolo abanye abagibeli bamatekisi kudingeke baphindele emakhaya njengoba bekungahambi lutho edolobheni. UMnuz Kwazi Mthethwa okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe zikhona izikole eziphazamisekile ngenxa yale mibhikisho yize bengenaso isibalo sazo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu- Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe bayisishiyagalombili ababoshwe ngoMsombuluko ngezinsolo zokuphehla udweshu emphakathini.
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha uMnuz Mxolisi Kaunda, unxuse ukuthi kwehliswe umoya njengoba kume nse ukusebenza kuleli dolobha.
Ugxeke abazijezisele abasolwa ngobugebengu wathi amaphoyisa asebenza kanzima ukunqanda ubugebengu.