Isithombe esigciniwe Isithombe esigciniwe
SEKUNENDIDA ngokubulawa komshayeli wetekisi waKwaMashu obebambile nomnikazi wetekisi abehamba ngayo.
Kuthiwa uMnuz Sabelo Malembe (22) waKwaMashu Kwa-C ubebambele omunye umshayeli emsebenzini eshayela itekisi abeseyishayela okwesibili ngesikhathi edutshulwa amahlandla amaningi amadoda angaziwa ngoMsombuluko ebusuku kwa-D KwaMashu.
Kuthiwa lokhu kwenzeke ngesikhathi uMalembe eseqede ukuthulula umgibeli wokugcina, kwathi eqeda ukumehlisa kwaqhamuka amadoda adubula ebhekise kuye.
Umfowabo omdala, uMnuz Silindelo Mbatha uthe basathukile ngenxa yesigameko sokubulawa kukamfowabo athe ubehlala ekhaya ngaphambi kokubambela omunye umshayeli etekisini.
“Umfowethu le tekisi ubesayishayele izinsuku ezimbili kuphela njengoba esedutshulwa ebulawa. Kubuhlungu kakhulu kithina njengomndeni okwenzekile ngoba lo mfana ubesemncane kakhulu futhi ezilungele,” kusho uMbatha.
Uthe nabo bathole ngomunye umfana ofike kubo wababikela ukuthi umfowabo usedutshulwe walimala.
UMbatha uthe batholile ukuthi emuva kwesigameko sokubulawa kukamfowabo kubulawe nomnikazi wetekisi abehamba ngayo.
Kuthiwa uMnuz Khanyisani “Gandaganda” Mchunu, amatekisi akhe angaphansi kukasoseshini iSiyanda Taxi Association ubeseLindelani ethi uphuthuma ukuyobheka obese kuvelele uMalembe ngesikhathi edutshulwa ngabantu abangaziwa.
USihlalo kasoseshini iSiyanda Taxi Association, uMnuz Thulani Buthelezi, uthe nabo basathukile futhi badidekile ngokubulawa kwalaba bobabili. Uthe azikho izinkinga ezikhona kusoseshini kanti futhi ubeke wakhuluma noMchunu ocingweni ngoMsombuluko futhi wangasho ukuthi kukhona ubungozi asola engathi ukubona.
“Lento isehle ngaphezulu ngempela. Sibuhlungu ngalaba bafowethu abalimele kodwa okwamanje sisadidekile futhi asazi ukuthi yini eholele kulesi sigameko,” kusho uButhelezi.
Uthe bazoba nomhlangano maduzane lapho bezobhunga khona ngalesi sigameko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele, ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokubulala mayelana nokufa kwakhe.
“Kusolakala ukuthi umlisa ona-39 ubesemgwaqweni uMqhawe, eLindelani ngesikhathi edutshulwa ekhanda abantu abangaziwa. Utholakale enamanxeba amaningi okudutshulwa ekhanda waphuthunyiswa esibhedlela nokuyilapho eshonele khona,” kusho uCol Mbele.
Uthe amaphoyisa aKwaMashu aphenya icala lokubulala, ngokubulawa kukaMalembe okuthiwa ubeKwaMashu kwa-D ngesikhathi ehhlaselwa, edutshulwa abantu abangaziwa. UCol Mbele uthe utholakale enamanxeba okudutshulwa ekhanda, esifubeni nasengalweni yakwesokudla.